Friday, July 31, 2015

azobe ebophele kanje amaqembu ku Carling Black Label cup

Kaizer Chiefs: Goalkeeper: Pieterse ; Defenders: Moleko, Gaxa, Xulu, Masilela; Midfielders: Tshabalala, Letsholonyane, Maluleka, Lebese; Strikers: Zulu, Parker

Orlando Pirates: Goalkeeper: Mhlongo; Defenders: Jele, Gumede, Sangweni, Phungwayo; Midfield: Myeni, Sarr, Manyisa, Rakhale; Strikers: Gabuza, Majoro

lomdlalo uzoqala ligamenxe ihora lesithathu ntambama e FNB Stadium

UDavide WasOphongolo Ubabambile OGoliath Bama-ATM

Umfanyana omncane wasOphongolo (eligodliwe igama lakhe ngenxa yezokuphepha), uphenduke iqhawe ngesikhathi ebamba phansi amaqola abesebaqedile abantu basOphongolo kuma ATM.

La maqola alahlwe ngelakubo ngesikhathi ezama ukumubamba lomfanyana kwiATM engasePick n Pay. Athathe ikhadi lakhe yena wasala elokhu ethi ulilindele emshinini ukuthi ulibuyise kanti phinde. Ube esecebiswa abasesitolo ukuthi aphuthume ayolivala ngaphakathi eCapitec.

Lo mfanyana akawakholwanga amehlo akhe ngesikhathi eqhamuka ngase Capitec esebona lesi sigebengu siqeda ukukhipha imali yakhe engango R4000. Akabange esachitha skhathi wave esesidumela isgebengu lesi kuba ngongaphansi nongaphezulu. Ngemuva kwemizukuzuku kubukelwa umfanyana eshovashova iqola leli, ube esephumelela ukuthatha ikhadi lakhs nemali kubuya ngakuye.

Omunye obeshayela imoto enezinombolo zaseThekwini okukholakala ukuthi ubengomunye wamaqola ubelokhu ezwakale ememeza etshela uzakwabo ukuthi akamfake emotweni lo mfana bahambe naye, kodwa phinde - kuvele kwabangathi uthela umfanyana ngezibonkolo. Waqhubeka umfana edovadova iqola - abantu be mile bebuka.

Liphunyukile iqola, labaleka langena kuleyo moto encanyana yohlobo lakwaHonda, zashaya isondo - zabaleka izigilamkhuba efikile umfana nezibhakela. Umfanyana lo ube esephuthuma efonela amaphoyisa asOphongolo ewabikela ngodaba.

Amaphoyisa asOphongolo aqhubekile nokwenza kahle njengoba avele asukela phezulu evala zonke izintuba ezingenela Ophongolo nokuthe emuva kwemizuzu babe sebewabambile amadoda amabili, bawavalela.

Icala selivuliwe, kanti okwamanje izigilamkhuba lezi zisatoloza ngaphakathi.

INPG Newsblog ikwazile ukuxhumana nomfanyana obebukeka ethukile futhi engakholwa ukuthi le ndwayimane yezibhakela beyivela kuye, uphawule wathi "Ngiyambonga uNkulunkulu, bekungesiyo impi yami le kodwa bekungeyokuqoqa ubufakazi ngobukhona baKhe".

kuwaphethile amalunga ephalamende agolozela uSomlomo

iphalamende seligunyaze umthetho wesikhashana wokuthi labo abagolozayo ukulandela imiyalelo kaSomlomo wePhalamende uNkosikazi Baleka Mbete bekhishwe ngonogada, lomthetho uvotelwe ngamalungu awu 304 kwathi ithonsi elingu 16 laphikisana nalomthetho nokufane nokuthela ithonsi olwandle.

iphalamende ligunyaza lomthetho nje bese liphenduke inkundla yombholoho ngenxa yokuthi njalo uma lihleli iphalamende bese kuba nesiqubulo esishiwo yiqembu likaMnu Julius Malema I EFF esithi "Pay back the money" esiqondiswa kuMongameli wezwe ngenxa yemali ewu R246 Million eyakha umuzi wakhe. bese kuyinhlalayenza ukuthi njalo uma kuhlangene iphalamende bese kuqala leyonhlokomo.

nakuba amanye amalungu ePhalamende evumelene nalomthetho kepha athe kumele kuhanjiswe ngemigudu efanele kungaphindi isimo lapha kwagasela khona amaphoyisa nonogada bezokhipha iqembu le EFF elaliphazamisa uMongameli ethula inkulumo yesizwe ngonhlolanja kulonyaka nokwaba nemibiko ethi kwakukhala isibhaxu ngaphandle kwephalamende kumalunga aleliqembu nokwafakazelwa ngu Mnu Malema ukuthi baze bamdonsa nogwayi kagogo.

Thursday, July 30, 2015

kugqekezwe ihhovisi lika Malema

ihhovisi lomholi we Economic Freedom Fighters Umnu Julius Malema ligqekeziwe ngokusa kwanamuhla, lelihhovisi elise Cape Town kubikwa ukuthi kwebiwe amaphepha anemininingwane yezokuhamba kanjalo nawezokuphepha zalomongameli waleliqembu.

umkhulumeli waleliqembu uMnu Mbuyiseni Ndlozi ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe icala lokugqekeza nokweba, amaphoyisa aphansi phezulu afuna amasela kanjalo nethimba elizimele labaseshi selijutshiwe ukufuna lezigilamkhuba.

kuboshwe ababili bokufika eGolela

kubanjwe ababili okungowesilisa nowesifazane bokufika esangweni lomcele lase Golela ngomsombuluko, labababili babanjwe nezidakamizwa ezibalelwa kunani elingafika ku R500 000 ngokwenani lasemgwaqeni, okhulumela amaphoyisa esifundazwe uMnu Thulani Zwane ukuqinisekisile ukubanjwa kwalabababili " amaphoyisa ebenza umsebenzi wawo wokugada ukungena nokuphuma okwenzeka emnceleni wakuleli ase ekhuthuza izimpahla zalaba nalapha athole khona lezidakamizwa anesilinganiso esiwu 2,5 kg.

Wednesday, July 29, 2015

ababophe isifociya othisha bengasuli emsebenzini

inyunyana yabasebenzi bezemfundo  I NATU ishaye ikhwela kumalunga ayo ukuthi abophe isifociya engasheshi esule emsebenzini ukuze azogwema inhlupheko nokulahlekelwa ngenkulu imali kwazise iba ningi imali esalayo uma usule kungakafiki isikhathi.

lenyunyana ishumayela lelivangeli kuzozonke izindawo ezakhele iningizimu Afrika kwazise inochungechunge lemihlangano lapha ihlangana namalunga ayo. ekhuluma kwenye yemihlangano lowo oyiphini lika Mongameli uMnu Allen Thomson uthe " siyawufuqa lomkhankaso hhayi emalungeni ethu kuphela kodwa kubobonke abasebenzi bakahulumeni ukuze bethole imali yabo isaphelele, ngokuthi balinde beze befike eminyakeni engu 65, ngoba uma beshesha bashiye bathola imali encane".

eqhubeka uThompson uthinte nendaba yokunikwa ingxenye yempesheni kwabasebenzi bakahulumeni abasebenza emnyangweni wezemfundo " kweminye imisebenzi bayanikwa abasebenzi ingxenye yemali yabo ukuze befezakalise izidingo ezithile, nathi sithi abanganikwa yonke kepha abanikwe ingxenye ethile yemali yakhe ukuze kuzogwemeka lezizehlo ofica ukuthi uthisha uyasula emsebenzini ukuze ekwazi ukukhokhela ingane esikoleni.

linikwe uTshabalala ibhande ku Makhosi

isikhwishikhwishi somdlali waseswini eqenjini le Kaizer Chiefs uSimphiwe Tshabalala ukhethwe ngabadlali baloleliqembu ukuthi kube nguye umholi walo ukaputeni ukusho, lelinxele eselinesikhathi likumakhosi lithatha nje lelibhande ebeseliqala lilala izintuli kwazise lishiywe izinsizwa ezimbili ebezivame ukuligqoka okungu Itumeleng Khune no Tefu Mashamaite abangazivuselelanga izinkontileka zabo kubafana bokuthula noxolo.

inkonyane izobe ingathuki sisinga kuShabba ngokuhola izimpofana kwazise ubeke enikwe uma kwenzekile bangabibikho oKhune no Tefu, naku Bafana Bafana wake waligqoka kudlalwa umdlalo wobungani nezwe lase Madagascar

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...