Kubukeka kufakazeleka isisho sesilungu esithi okuza kalula kuhamba kalula ngesimo seqembu lakwaZulu Natal eligijima esigabeni sePSL Amazulu Fc nathenga ilungelo lokudlala kulesigama emva kokuthenga ubulungu beThanda Royal Zulu neyadla umhlanganiso wokuba ngompetha beNFD ngesizini edlule.
Amazulu abukeka ewukudla enduku kulesizini njengoba nayizolo aphinde aguqiswa ngo2-0 esgaywa iqembu ke Baroka FC emdlalweni obuse Peter Mokaba Stadium eLimpopo izolo ntambama.
Usuthu nokuyigama okuteketiswa ngalo Amazulu ayibambe indaweni Ka 14 ngamaphuzu angu15 emva kwemidlalo ewu 15. Bese kungoka 6 luthola induku kulesizini leliqembu eliqeqeshwa uCalvin Johnson wodumo lokuvundulula ikhono lika Steven Pinaar nosanda kukhonjwa indlela iBidvest Wits emva kwezinyanga eziyisithupha engumdlali waleliqembu elibhinjelwa izinto emva kokunqoba isicoco seligi ngesizini eyedlule.
Monday, January 15, 2018
Friday, January 12, 2018
UMONGAMELI WASEMELIKA UBIZE ABASE AFRIKA NGEBHODWELENJA
UMNUMZANE uDonald Trump nonguMengameli wasezweni lase Melika uqhubekile nokuveza imizwa yakhe ngokucwasa ngokwebala ngesikhathi ekhuluma komunye umhlangano obukuleliviki khona eMelika nalapha efanise yabantu abaphuma ezwenikazi lase Afrika kanjalo nasemazweni ayiziqhingi zabamnyama ngembobo ephuma indle phelezi (Shithole).
Nakuba ephike wahlanza okwayizolo ebhala ekhasini lakhe likaTwitter ukuthi ubengaqondile lokhu okucatshangwa yabantu kodwa akukona okokuqala ezidalela amazinyo abushelelezi ngokucwasa yabantu bakwamanye amazwe njengoba ake abiza yabantu baseMexico ngabadlwenguli nababulali nokwafakazelwa ukwakhiwa komthangala kakhonkolo ohlukanisa lamazwe amabili.

Tuesday, October 24, 2017
Bebeyizela ngamatshalo omama bakwaNhleko bembeswa ngunobhala wentsha yaso Phongolo
uMnumzane Syabonga Sibiya nodule ngelikaSpuku noma Tira ongunobhala womkhandlu wentsha kamasipala wasoPhongolo uzishaye zaphelela ekhweni lakhe kwaNhleko ekhiphunyawo wabuya wathembisa umshado unkosazane Thobile Nhleko emcimbini ubungalempelasonto esiphuma kuyo.
UmfokaSibiya nobuya Abe nguthisha eMagutshwa High School uthathe lesinqumo emva kwesikhathi eside bendawonye ngakwezothando noNkosazane wakwanhleko abangonkukhu ziyakhalelana kwàzise imizi yakubo ayiqhelelene kakhulu.
Lomcimbi obuhanjelwe ngothisha, abasebenzi bakamaspala, izihlobo zalezithandani kanjalo nomphakathi waseKhihunyawo lapho kuzalwa Khona lezithandani. Lomcimbi oqale ngomgqibelo lapha bekukhulunyiswa khina abàyeni bahlatshiswa kwathi ngesonto kwaba nomcimbi wokwembesa kanjalo nowokuthembisa umshado.

Sunday, August 13, 2017
NeDowns ilale iliwashile ijezi kweye MTN8
Nabalaleli beMamelodi Sundowns abasalanga ngaphandle ekulaleni nezinhliziyo ezibuhlungu kwazise iqembu labor libhaxabulwe kabuhlungu NGO 1-0 lishaywa iMarizburg United izolo ntambama ePitoli.
Leliqembu laseMphithi neliqeqeshwa uFadlu Davids lizithole lihamba phambili ngomzuzu Ka 56 ngegoli elishaywe u Evans Rusike. Nakuba igcine iguqile iSundowns kubonakele edlalisa abadlali bayo abasha okungu Oupa Manyisa no George Lebese.
Sisekuzo ezithinta I MTN 8 aqhathiwe amaqembu azogijimisana kweyandulela eyamanqamu nezoba imilenze emibili. IMarizburg United izodlala me Supersport United bese kuthi iCape Town City igijimisane me Bidvest Wits nezobe ivikela lesicoco eyasinqoba ngonyaka ophelile ibhaxabula iSundowns ngo 3-0.

Saturday, August 12, 2017
Uqhubekile nokuba iqaqa kwaChiefs uKomphela
Umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve Komphela uphinde wahluleka ukuzuza izinhliziyo zabalandeli baleliqembu ngokuthi liyoke kube Khona indebe eliyizuzayo ngaphansi kobuholi bakhe.
Amakhosi aphinde aba ukudla kwenduku ephuma ekuseni kumqhudelwano we MTN8 ngesikhathi eshaywa iqembu le Supersport United eMoses Mabhida stadium izolo ebusuku. Amatsantsantsa a Pitori naqeqeshwa ngu Eric Tinkler akhombise zibekwa nje ukuthi afuna ukudlulela esigabeni esilandelayo salomqhudelwano njengoba ahambe phambili ngesiwombe sokuqala ngegoli lika Jeremy Brockie.

Alokhu ayaziqathakela Ku MTN 8
Aqathaka ubuqathaqatha amaqembu emqudelwaneni wokuvula isizini eMzansi emqhudelwaneni we MTN8 njengoba esemabili amaqembu asezithole ebhekene nendishi yokuwasha ijezi kulomqhudelwano obalwa nemidala kuleli.
Izolo iqembu le Lamontville Golden Arrows lizithole seliwasha ijezi emva kokushaywa ngompetha beligi iBidvest Wits ngo 5-4 sekukhahlelwa amaPenalty emva kokuyhi umdlalo uphele zibambene ngo 2-2 emdlalweni obuneziwombe eziningi ebzikushiya ubambe ongezansi kwazise kuphume amakhadi abomvu amahlanu.
Kwathi namuhla uBenni Mccarthy nosagcwele amazolo kwezokuqeqesha uzibonakalisile ukuthi wayengagcini ngokuba umgadli owashayayo amagoli kuphela njengoba iqembu aliqeqeshayo iCape town City ibhabhadise iPolokwane City ngo 1-0 nokube umkhonto ogwaze ekhaya.
Kusalindeleke umdlalo oshisayo phakathi kwe Kaizer Chiefs ne Supersports United nozoba seMoses Mabhida Stadium namuhla ebusuku. Kulindeleke u Eric Tinkler aqhubeke nokuzihubela isobho ku Steve Komphela kwazise kuwona onke amaqembu aseke awaqeqesha uTinkler ufike ethi qhoqhoqho ekhanda ku Komphela.

Thursday, August 10, 2017
UMourinoh usejoyine iPirates
Iqembu le Orlando Pirates selimemezele lowo obeyisekela lomqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani 'Mourinoh' Mokwena njengephini lomqeqeshi wezimnyama.
Lenziswa eteketiswa ngelika Mourinoh imenyezelwe namuhla emini ukuthi izoba isekela lomqeqeshi naye osabala izinsuku efikile kuleliqembu laseSoweto uStrakovic.
Kusazocaca ukuthi laba abebengamasekela kulesizini edlule okungu Jazz Queen Legodi no Benson Mhlongo ukuthi ikusasa labo lizomaphi kuleliqembu eliqede isizini libalwa namanye amaqembu asinde ngokulambisa ekudlaleni imidlalo yamaplay offs edlalwa iqembu eliqede endaweni ka15 kulog kwazise liqede endaweni ka 13 nobekube ngokokuqala emlandweni waleliqembu kusukela kwasungulwa iPSL ngo1996.

Subscribe to:
Posts (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
Mfundisi Sabelo Shongwe Apostolic Church - oPongolo Ukuthula akube nani bazalwane. imphela lolu,usuku oluhle iNkosy uJesu asenzele lona...
-
UMfundisi ME Vilane uqhubekile wayiqhakambisa indawo yaso Phongolo ngobuhle obenzeka kuyona, ngesikhathi edla umhlanganiso kumiklomelo yab...
-
UHulumeni wesifundzwe sase North west uthule intuthuko yokuxhasa umphakathi ngamakalishi adle imali elinganiselwa ku R780000 Lamakalishi azo...