Monday, July 4, 2016

Uqalile ukujima uMfanakagogo

Isibani somdlali wasoPhongolo uSphelele Ntshangase ogijima ku Black Leopard izolo utshele i NPG newsblog ukuthi uselulame ngokuphelele eqakalane lapha alimala khona ekuqaleni kwalonyaka nokwamphuthisela ngemidlalo eminingi yeqembu lama Glug glug okuyiqembu labangaphansi kweminyaka engu 23 nelilibangise e Rio de Janerio ngo September emidlalweni yama Olympics.

uSphelele nowaziwa ngokuthi ngu Starch ungena onyakeni wakho wokugcina wenkontileka anayo naleliqembu lase Limpopo nokunyusa amahemuhemu okuthi engahle ethengiswe kwazise maningi amaqembu amgaqele amakhulu kuleli.

Sunday, July 3, 2016

Sebeyishiyile i NFP oMnu Maliyakhr Shelembe no Solwazi Nhlanhla Khubisa

Kubukeka izinkinga zeqembu le NFP ziya ngokuyincisha umoya emva kokuthi usihlalo waleliqembu uMnu Maliyakhe Shelembe nonobhala Jikelele uSolwazi Nhlanhla Khubisa besulile izolo kuleliqembu lika Nkosikazi Zanele Magwaza.

Kusula lobuholi obuphezulu nje kanti noMgcinimafa uMnu Xolani Ndlovu nosekela Shlalo kaZwelonke basamisiwe.
Leliqembu libukeka licwila izinkinga ezilikhungethe ñjengoba inhlangano engamele uKhetho u IEC ithe ngeke likwazi ukungenela ukhetho njengoba lingayikhokhanga imali yokungenela ukhetho ngesuku olwalubekiwe lomhlaka 2 ngenyanga eyedlule.

Ngabe udinga ukuzenzela imali eceleni


FOREVER LIVING PRODUCTS SA: Health & Beauty Products


1.Awanelisekile imali oyiholayo nangamahora owasebenzayo?        

2.Ufisa  ukuhola noma ukuzenzela enye imali eceleni?          
3.Ucwile ezikweletini awusakhoni nokuzikhokhela futhi awusazi uzophuma kanjani kuzo?

 4.Unephupho lokuba nemali eningi ebhange lakho?                          
  :Leli ithuba lokushintsha impilo yakho   namhlanje ngokujoyina ibhizinisi lakwaForever Living Kumahhala wonke umuntu wamukelekile (osebenzayo nongasebenzi).

  Uma ufuna ukwazi kabanzi ngaleli bhizinisi ngicela uxhumana noXolile Simelane 071 884 1030 .

         


Ukudla komphefumulo -IZIMPI ZOMUNTU OKHETHIWE

Umuntu uza emhlabeni ngecebo likaNkulunkulu. Uma efika usuke ezokwenza lokho akuthunyiwe noma akuphathisiwe. Isiqiniseko sokuthi umuntu uphathisiwe nguJehova ubona ngohlobo lwezimpi abhekana nazo. UDavide wathi ekade eqeda ukubulala uGoliyathi wavukelwa yinkosi uDawule. UJerrmiya wathi eqeda ukuprofetha wavukelwa ngu Phashuri.

 UJesu uqobo naye eqeda ukuzethula wavukelwa ngabaFarisi nabasadusi. Zintathu izimpi ezimqoka ezibhekana nomuntu ophathisiwe noma othanda uThixo.
1. Ubhekana nabakugxekayo.
2. Ubhekana nokukhathazeka.
3. Yimpi yangapha noma evuka kosondelene nabo.

Usathane uvusa ubutha ebandleni noma emndenini. Bakuzondr sibe singekho isizathu. Ungakhohlwa yilokhu, izinja ziyathanda ukugijimisa imoto ehambayo, emiyo ziyachamela. Isihlahla esinezithelo sijikijelwa ngabafuna izithelo zaso. Wena uphathisiwe nguThixo. Ikhambi lakho, thula uJohava uzokulwela. Amen

 Apostle BM Buthelezi Zoe Christian Fellowship International Cell. 0827546476

Saturday, July 2, 2016

Kubonakale ngemotobl ingena igulukudela esitolo sotshwala

Bathe galo yephuka abantu abebezothenga Ukudla kwabanumzane nonemenayidi esitolo esidayisa utshwala sakwa Shoprite oLundi ngesikhathi kungena kugulukudela imoto ebisiphelelwe amabhuleki izolo ntambama.

Osinde ngokulambisa kulembhedumehlwana nosebenza esitolo esinvikene naso lesi uthi bengisebenza njengasemihleni ngezwa imoto iduma kabuhlungu nengiyibone iza idla amagalani yaye yayongena e Shoprite.

Akekho okubikwe ukuthi ulimele kanjalo nowendrle koyisemkhulu kulesehlakalo.

Friday, July 1, 2016

Kugibelene izibusiso kowabamba iqhaza ku NPG newsblog

Ngesikhathi uMndeni kaMnu Lindelihle 'Faya' Zikalala ubungaza usuku lokuzalwa kukamama wakhe umaShandu ngolwesibili mhla zingu 28 ngenyanga eyedlule kuthe makhathaleni kwabeletha umakoti wakhe u Faya umaNgwenya nalapha abelethe khona insizwa engu Umunathi Kuyenzeka nevele yateketiswa ngokuthi ngu 'UK'

UMnu Zikalala nowabamba elikhulu iqhaza ekusungulweni kwe NPG newsblog nosekungunyaka wesihlanu babopha elikasofa silahlane nomaNgwenya babusiswe ngamachwane amane okuyizinsizwa ezintathu nentombazane eyodwa.

Ekhuluma ne NPG newsblog u Zikalala nowayegajwe injabulo wabonga kakhulu umdali ngokumupha esinye isibusiso emndenini wakwaZikalala.

Uphila iphupho lakhe osenamabhizinisi phesheya kwezilwandle

Insizwa esencane engu Mloti Mhlophe engoyokuzalwa kwashoba oPongolo nesiyisakhamuzi saseNgilandi kwelendlovukazi ithi kwakubiza ukuba aqine ukhakhayi ukuhamba ekhaya esesemncane eyozinsa phesheya kwezilwandle.

Lensizwa eyafunda eMlimisi khona kwashoba neyayaziwa ngokuba namahlaya kanjalo nokuhlala iphapheme ithi nakuba yayinovalo mhla iya kozinsa phesheya kepha yayikhona injabulo kwazise kwakuyiphupho layo ukuyohlala phesheya kwezilwandle. Nakuba iveza ukuthi unyaka wokuqala awubanga lula kwazise kwakumele ijwayele impilo, isimo sezulu, ukudla, abantu bendawo kanjalo ke nolimi olukhulunywayo ezweni lendlokukazi.

Ngesikhathi efika kwelendlovukazi wafika wenza eminingi imisebenzi ngasese kwasize wayefunda eBirmingham University enza izifundo Civil Engineering kanti kuyimanje ufunda e Imperial College London lapha enza khona izifundo zezobuchwepheshe phecelezi IT ngasese kwazise ungumnikazi wezinkampani ezimbili kulona lelazwe.

Kubukeka uthando lokufunda lulukhulu kulensizwa eyafunda kwa Notshelwa High School eFilidi kwazise yaqala yafundela ukubaza e KZN Coastal College in Durban yadlulelea eMtashana College kwaNongoma yayokwenza ugesi.

Nakuba eseyisakhamuzi kwelamangisi kodwa uthi kuyokwenzeka ngenye imini abuye azosebenzela lapha emzansi njengoba ingekho indawo efana nekhaya.






Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...