Tuesday, December 1, 2020

Ulandulele leli u Papa Diop wodumo


 U Papa Bouba Diop wasezweni lase Senegal nowazakhela igama ngo2002 kundebe yomhlaba ngesikhathi eshaya igoli nokuyilona elanqoba umdlalo wokuqala bedlala nezwe lase France ulandulele leli emva kokugula isikhathi eside.

Lensizwa eyayibuye iteketiswe ngelika Wardrop ngenxa yobude bayo nokondleka ilishiye leli elimagade ahlabayo ngokusa kwayizolo isineminyaka engama (42).

Angase avumbuke kuMazulu uMahlambi


Umdlali odabuka eNgoje uPhakamani Mahlambi angahle ethulwe njengomdlali woSuthu okungezinye zeziteketiso zeqembu Amazulu FC. Lensizwa edle ngejubane neke yathi qu ezweni lase Gibhithe ku Al Ahly yasibuyela ku Sundowns nalapha ilizwa ngephunga ithuba lokudlala kulindeleke ithulwe namuhla kanye nonozinti obevimba ku Chippa United nobebuye abe nguKaputeni uVeli Mothwa.


Amazulu FC alokhu eqhubekile nokuthola abadlali abathathwa njengabaphezulu selokhu izintambo zithathwe nguMnuzane Sandile Zungu. Njengoba abadlali abafana no Amigo Memela, Linda 'ten ten ' Mlambo, Clirford Mulenga, Simphiwe  Tshabalala nabanye abaningi belaphaya kunyokana eluhlazana.

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...