Thursday, November 4, 2021

Ukuhlaziya ukhetho ngomasipala wasoPhongolo

. Inhlangano ka ANC iphutha elenzile oPhongolo ngale kwefu elihlasele lenhlangano eKZN lokulahlekelwa ngamavoti kube inakhu okulandelayo. 1. I ANC ifike yagqoka ibhantshi elalishiywe yi IFP ngo 2011 lokunethezeka lokungababoni abavoti bayo. Awubanga bikho umehluko ekuphathweni kukamasipala kanti abantu bashintsha i IFP ngenxa yokuthi base bediniwe indlela abaphethwe yiyo ngeshwa noma sekungene u ANC kubukeke kuwu part 2. 2. u ANC ushaywe kakhulu ilaba abebekade bekuma ward committee indlela abebephakeme ngayo uma kumele besize umphakathi esikhundleni sokusiza umphakathi bebevele bekhukhumalelwe amakhwapha. 3. Sekusondele ukhetho ubuholi buka ANC oPhongolo buyekele izidlova zabantu ezizibiza ngamalunga ayo zasebenzisa u Facebook ukwedelela abantu nabangekho kwaPolitiki kepha abangamalunga oMphakathi. Kanti kulezinsuku zethu i social media yiyona ephambili ekutheni ikubulale noma ikwakhe. Njengoba ngo 2018 kwakunamazwi angemahle ayebhalwa kufacebook okuklolodela umphakathi ngokuthi udla imali yeqolo ka ANC, usizwa isinziza zika ANC ophethe uhulumeni omkhulu. Iphutha lobuholi buka ANC oPhongolo kwaba ukungayikhalimi lento ngoba umphakathi imizi eminingi iphila ngaphansi kwalesimo okwakuklolodelwana ngaso. Eqinisweni ngishokuthiwa ulambe kanjani kepha ukudla okwehla namagama kuyayidala inzondo noma ngabe kuthiwa kusekhaya. 4. Ukuxega kobuholi buka ANC oPhongolo kube nomthelela angazi noma laba ababekhethiwe ukuwumela oPhongolo banela ukukhethwa base bejika nezitulo bangabheka umonakalo owenzeka phansi ngoba wona umonakalo wenzekile phansi omkhulu futhi ngenxa yeninabathumile masengikhuluma ngengozi ye IFP eyilengelayo ngeyokuthi uma ingayeka ukwenza lento eyayiyenza yokuthi uma isemandleni bese ibangoNkulunkulu kubantu yenze noma yini kubo kunalobaba engingeke ngimusho ngegama owayevele ephenduke isilwane ezeshaye abantu ngezimpama, kulokhu engingakusho ukuthi ninikwe amandla ngoba u ANC unidlise lokhu enanikwenza kubantu anivotelwanga amalunga enu odwa kepha namalunga amanye amaqembu anivotele ngoba enganelisekile okwenzekayo kungabe kwenziwayi khansela noma ngamalunga amakomiti eward. NB: lokhu kubhalwe yimi njengumuntu womphakathi ozimele

Thursday, October 28, 2021

Ikaizerf chiefs iphinde yagaxa inombolo emgibeni


 Iqembu le kaizer Chiefs liphinde lenza elidume ngakho lokugaxa inombolo emgibeni nebona ukuthi ifanekwe ukuhlonishwa kuleliqembu nokungunombolo 20 owawugqokwa ngu Howard freeze.

UHoward Freeze niongomunye weziqonqwane zamakhosi wabanegalelo ngo 1985 mhla i Kazer Chiefs izenzela kumiqhudelwano efana ne Castle Premiership, Mainstays cup, Bob save Superbowl, Iwisa spectacular challenge kane ne Ohlson Challenge.

UFreeze ulandela ezinyathelweni zika Doctor Khumalo eyanquma ukuthi inombolo yejezi lakhe ingasentshenziswa kuKaizer Chiefs nokungu nombolo 15 ngenxa yamagalelo akhe.


ZInkani zababili kwabagaqele esobukhansela ku Ward 15 - Ophongolo

 


Kusadliwa ngoludala insizwa mayiqomisa intombi yayenza isiqiniseko sokuthi ingakayithembisi izulu nomhlaba intombi leyo yayiqala izicwale yona, ichophe inqakala nemvunulo yayo ihlobe kanjalo nesikhwili sayo sasiyikhulumela ingakawuvuli umlomo. Kanjalo nakulolukhetho oluzayo lohulumeni basekhaya kubukeka amaqembu amabili okuyi IFFP ne ANC enza isiqinisekiso sokuthi ayichophile inqakala nemvunulo yawo ihlobile kepha kakwaziwa mbatshi kujiya ukuth ngabe izikhwili zawo zihlome ngokuphelele yini ukuheha intombi engumphakathi ukuthi iwavotele ngomsombuluko.

Leli wadi elihlanganisa indawo yakwaShoba ne yase Deckville lisezandleni zika ANC nokuyiwona osaqhoqhobele izintambo kuMasipala wasoPhongolo, UKhongolose walihlwitha ezandleni ze IFP ngo 2016 nakulokhu usafuna ukulinqoba kwazise uphinde waphakamisa oyikhansela u Mnuzane Sgcino Myeni kanti ngakolunye uhlangathi iqembu le IFP ligadla ngo Mfundisi Eric Mlipha nodume ngelika Madlala.

Lamaqembu womabili abukeka ewuqinisile umkhankaso wawo njengoba ngempela sonto esibuya kuyo ebenemidlalo yebhola lezinyawo. nokuthe ngoMgqibelo/ Sabatha u ANC waqedela  isiteki nalapho ukhiphe khona amajezi amahlanu atholwe ngamaqembu amane aqede phezulu nokuthe umanqoba nokube yi Black Poison yakwashoba izinqobele amajezi amabili nezindondo nomcimbi wezindodo ubuhanjelwe ngomakadebona be Kaizer Chiefs abafana no Cyril Nzama no Chaklas Shongwe. Kanti evikini bebehambise izicelo zabathile ababecele ukuxhaswa ngezimbuzi yaphinda yahambisa nemishini yokuthunga.

ngesonto Iqembu leNkatha yenkululeko i IFP ngamafuthi ibenesiteki samaqembu amayisithupha nalapha ikhiphe khona amajezi amabili kwabadlale ifinal okuyi Maluju FC ne Russia FC. Okunge ebonakala iqinisa kakhulu ekukhunkaseni i IFP indaba yamanzi emphakathini njengoba lowo elifolose ngaye nobonakala esigxotsheni uMfundisi Mlipha elekelela ekuletheni kwamanzi kanjalo nokuthegela izinkulisa izihlalo.


imihlahlandlela yalamaqembu amabili ime kanje 


    ANC                                                



















IFP



Wednesday, October 27, 2021

Limbingelele ngamabili ibhubesi u Jingles

 


Intandokazi yomgadli wakuleli uPercy 'Lion of Judah' Tau ubingelele abalandeli beqembu le Aly Ahly ngamagoli amabii ngsikhathi leli qembu eliqeqeshwa ngu Pitso Jingle Mosimane libhaxabula i Smaily nedlalelwa ngowayengumgadli we Orlando Pirates u justin Shonga ngo 4-0 emdlalweni we Ligi izolo ebusuku kwelase Gibhithe.

uTau nobekuwumdlalo wakhe wokuqala kulezinkunzi zase Africa kubukeka ezogculisa abalandeli kwazise ungomunye wabadlali abahola kakhulu kuleliqembu kwasize bamthenga ngemali eshisiwe eNgilandi ku Brighton & Hove Albion. Akungabazisi ukuthi lomdlalo wayizolo ka Tau umjabulisile noMqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos nosanda Kumfaka uTau eqenjini azotomula kubo abadlali abangu 23 abazobhekana ne Ghana ne ZImbabwe emidlalweni yokuhlungela imidlalo yendebe yomhlabaezoba se Qatar ngonyaka ozayo.

Sisekuzo ezeBafana Bafana nampa abadlali okuzotonyulwa kubo abazomela elakuleli kulemidlalo ezayo.

Goalkeepers: Ronwen Williams (SuperSport United), Veli Mothwa (Amazulu FC), Bruce Bvuma (Kaizer Chiefs), Oscarine Masuluke (Baroka FC)

Defenders: Sydney Mobbie (Sekhukhune FC), Rushine De Reuck (Mamelodi Sundowns), Luke Fleurs (SuperSport United), Terrence Mashego (Cape Town City), Njabulo Blom (Kaizer Chiefs), Siyanda Xulu (Hapoel Tel Aviv), Njabulo Ngcobo (Kaizer Chiefs), S’fiso Hlanti (Kaizer Chiefs), Thapelo Morena (Mamelodi Sundowns), Thibang Phete (Belenenses), Tercious Malepe (AmaZulu FC), Sbonelo Cele (Golden Arrows FC)

Midfielders: Teboho Mokoena (SuperSport United), Thabani Zuke (Golden Arrows) Mothobi Mvala (Mamelodi Sundowns), Jesse Donn (SuperSport United), Sphelele Sithole (Belenenses), Yusuf Maart (Sekhukhune), Ethan Brooks (TS Galaxy), Mduduzi Mdantsane (Cape Town), Siyethemba Sithebe (AmaZulu FC), Nqobeko Dlamini (Golden Arrows)

Strikers: Evidence Makgopa (Baroka FC), Luther Singh (Copenhagen FC), Bongokuhle Hlongwane (Maritzburg United), Victor Letswalo (Royal AM) Percy Tau (Al Ahly), Keagan Dolly (Kaizer Chiefs), Tshegofatso Mabasa (Orlando Pirates), Pule Mmodi (Golden Arrows), Fagrie Lakay (Cape Town City)

Wednesday, October 13, 2021

isahamba ngolayini Ibafana Bafana

 Iqembu lesizwe lebhola lezinyawo lakuleli iBafana Bafana iqhubekile nokwenza kahle ngaphansi komqeqeshi wayo omusha uHugo Broos emidlalweni yokuhlungela indebe yomhlaba ezoba ngonyaka ozayo eQatar.

IBafana Bafana iguqise iqembu lase Ethopia ngegoli elilodwa eqandeni nokube umkhonto ogwaze ekhaya ngonyawo luka Gebede nongukapteni waleliqembu nobekungumdlalo wokuqala kuleli udlalwa phambi kwababukeli selokhu kwabhedula igciwane le covid19 ngonyaka odlule lomdlalo
obudlalelwa enkundleni iFNB izolo kusihlwa. ezika Broos zize ekulomdlalo zihambela phezulu kwazise bezibuya kubhubhisa yona i Ethopia ngamagoli amathathu kwelilodwa ekuhambeni ngolwesihlanu ngeviki eledlule nalapha amagoli ashaywa ngu ala no Makgopa kwathi elomthoba nhliziyo ele Topiya lashaywa nguye u Gabede wansondo.

Elakuleli liqhwakele kuqoqo lika G ngamaphuzu ayishumi emidlalweni emini elisayidlalile lilandelwe izwe lase Ghana ngayisishiyagalolunye, lisalelwe imidlalo emibili elakuleli nelizoyidlala ne Ghana ekuhambeni kanye nezwe lase Zimbabwe ekhaya. 




Friday, September 10, 2021

Limenyezelwe iqembu lama Proteas


Inhlangano engamele ikhilikithi kuleli i Cricket South Africa ilimemezele iqembu elizoyomela elakuleli kundebe yomhlaba ye T20 ezobanjwa ngenyanga ka October iziphele ngo November ezweni lase United Arab Emirates (UAE) nelase Oman.

Leliqembu eliqeqes hwa ngu Mark Boucher owayeyi Wicketkeeper yakuleli lizobe liholwa ngu Themba Bavuma nonguKaputeni walo kulindeleke ukuthi lenzekahle kulomqhudelwano.

Selilonke iqembu lime kanje.

Temba Bavuma (captain, Lions), Keshav Maharaj (Dolphins), Quinton de Kock (wicketkeeper, MTitans), Bjorn Fortuin (Lions), Reeza Hendricks (Lions), Heinrich Klaasen (Titans), Aiden Markram (Titans), David Miller (Dolphins), Wiaan Mulder (Lions), Lungi Ngidi (Titans), Anrich Nortje (Warriors), Dwaine Pretorius (North West Dragons), Kagiso Rabada (Lions), Tabraiz Shamsi (Titans), Rassie van der Dussen (Lions)


Okuzochushwa ngabo.

Andile Phehlukwayo (Dolphins), George Linde (Western Province), Lizaad Williams (Titans).

Tuesday, September 7, 2021

Ixoxwa ngezithombe - Umuntubongwesaphila Awards

 Bekusindwe ngobethole emcimbini wokuklomelisa abanqobile kumncintiswano ka Aungust nobizwa ngokuthi Umuntubongwesaphila Awards osungulwe ngu Nqobizitha 'Nqoba' Thabede umcimbi ububanjelwe kwa koppie Allen ( Kwakopela) budebuduze nedolobha oPhongolo








Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...