Thursday, July 29, 2021

Lisemizweni yakhe ibhola uPinky

 

Sithunyelwe

Cishe kukancane uma kunemidlalo yebhola oPhongolo ungalizwa igama lika Pinky Mitchell ongumlandeli omkhulu webhola lezinyawo futhi ungamboni enkundleni.

Lentokazi esencane yasendaweni yase Mhlakeni oPhongolo ilandise i NPG Online news ngothando lwayo ngebhola kwazise ivame ukubonakala ezinkundleni zezemidlalo ikakhulukazi eMngomane Stadium eMphafeni.

"Uthando lwami lwebhola lwaqala ngo 2015 ngisaseskoleni Ophongolo High school ngangibuka indlela owayevimba ngayo  u Yaya Tembe nowayevimbela isikole, ngalesosikhathi kanti kuzoba nemidlalo kamasipala ngahamba ngayoyibuka eNsiligwane ngenhlanhla iwadi lethu layinqoba lemidlalo nalapho futhi uYaya engangimlandela indlela adlala ngayo washaya intoyamehlo".

Lentokazi  engumlandeli omkhulu we Kaizer Chiefs ikubeke kwacaca ukuthi lapha oPhongolo ingumlandeni we Pongola Classic ne Juventus kanti kubadlali ezifelayo ngebhola labo abantu abafana no Avbob Xolani avbob we Pongola Clasic ,Serero juventus ..uNhlakanipho Mkhwanazi nowake wadlala ku Polokwane City nosedlala ku juventus, Smanga Xaba we Pongola Classic, Nhlaka we Tiger boys kanye no Thabani uTornado we juventus.

Nakuba iningi lontanga yakhe u Pinky bephupha ngemisebenzi ethintana kakhulu nokuba ngumuntu wesifazane kepha kulentokazi izibona eminyakeni ezayo ingumhlaziyi webhola kumabonakude.

Njengoba amazwe amaningi ezovula imidlalo yeligi akungabazeki ukuthi lentokazi isimagange ukubukela amaligi amakhulu emhlabeni afana ne DSTV Premiership yakuleli, Laliga, EPL, Seria A namanye amaningi. 


  

Sunday, July 4, 2021

Lilokhu liqhubekile nokumboza ifu elimnyama kuleli


 Indima yezokuncebeleka kuleli ilokhu iqhubekile nokugubhezelwa yifu elimnyama njengoba banda osaziwayo abadlulayo emhlabeni.

Ngokusa kwaNgolwesine sivuke nezindaba zokudlula emhlabeni kwenkakha yezomculo uBaba u Steve Kekana woumo lwengoma ethi take you love  emva kokugula isikhashana. UKekana nobeseneminyaka engu 62 nobephila ngokukhubazeka kazise wahlaselwa isifo sokuvaleka amehlo esemncane izindaba zokushona kwakhe ziqinisekiswe uMphathi womculo wakhe u Xolani Majozi.




Ngalo futhi ulwesine kuphinde kwavela izindaba ezibuhlungu zokudlula emhlabeni komlingisi u Mutodi Nesheshe wodumo lokudlala indawo ka Ndalamo kumdlalo owuchungechunge iu Muvhango, uMutodi uke wadlala kweminye imidlalo efana no Generations the legacy, Tshisa neminye eminingi yakuleli neyaphesheya kwezilwandle.



Friday, July 2, 2021

Usethe khumu ebholeni uYeye


Usewagaxe emgibeni amakhokho u Renelwe 'Yeye' Letsholonyane(39) emva kweminyaka engamashumi amabili (20) edlala ibhola elikhokhelwayo.

UYeye nokungesinye seziteketiso zika Letsholonyane waqala ukugqama ebholeni lakuleli egijima ku Jomo Cosmos ngaphambi kokuyodlala ku Kaizer chiefs nalapha ahlala khona isikhathi eside nokuthe ngokuhamba kwesikhathu wafudukela ku Highlands Park negcine isiyi TS Galaxy nokuyilapho ewagaxe emgibeni esedlalela yona.

Lensizwa idlale amahlandka angu 50 washaya amagoli amabili kuBafana Bafana yayikhona kumdlalo we Confederations cup ngo 2009 kanjalo nakundebe yimhlaba eyayikuleli ngo 2010 waphunda wammela elakuleli nakundebe ye CAF Afrucan cup of Nations ngonyaka ka 2013 nangi 2015.

Sekuze kwamlungela uNtshumayelo

 


Lize lamgidela elakubo uThandani 'Bibo' Ntshumayelo idlozi ngesikhathi ecikica isivumelano sonyaka neqembu le Swallows FC, lezindaba ziqinisekiswe ngu Msakazi wezemidlalo uRobert Marawa.

UBibo nowakhulela kuqembu le Supersport United ubesemabhukwini eBaroka FC ngesizini edlule ngaohambi kokumkhulula nokube yiqembu lokuqala elamsayinisa emva kwesigwebo seminyaka emithathu asithola ngenxa yokutholakala kokuthi ubesebenzisa isikhuthazi esingavumelekile egazi esadlala ku Orlando Pirates.

Iqedile ukubhantinta iKaizer Chiefs


 Iqembu leKaizer Chiefs lisiqedile isigwebo salo sokungasayinisi amahlandla amabili nesayinikwa isigungu esiphethibhola emhlabeni iFIFA. Amakhosi azithola ebhekene nalesimo sokungathengi abadlali emva kokuba iqembu lase Madagascar i Malagasy yafaka isikhalazo kuFIFa sokuthi iChiefs iqhwage umdlali wayo u Adriamirado 'Dax' Adrianarimanana ngo 2018.

Amakhosi ayidlale yonke isizini eyedlule ngale kokuthenga umdlali nokufakazelwe ukungena sekuvalwe amehlo kumqhudelwano we MTN8 nalapha abeseqeqeshwa ngu Arthur '10111' Zwane ebambisane no Dillion Shepard emva kokuxoshwa kuka Gavin Hunt obeyiqeqesha lokhu kuqale lesizini. 

Njengoba AMakhosi esesiqedile isigwebo sawo asevele abathengile abafana abafana no Sfiso Hlanti, Phathudzaye Nange, Njabulo Ngcobo kusalindeleke abanye ezobethula ngokuhamba kwesikhathi kanti ibukeka ingaxhamazeli kwazise isahlalelwe umdlalo onzima wamanqamu e Caf Champions league nazoyidlala ne Al Ahly yaseGibhithe neqeqeshwa ngu Pitso Mosimane emasontweni amabili azayo.




Saturday, June 26, 2021

Abheke kweyamanqamu Amakhosi

 


Kuqopheke umlando enqenjini lape Kaizer Chiefs ngesikhathi engena okokuqala ngqa kumidlalo yamanqamu e CAF Champions league ngomgqibelo ebusuku emva komdlalo wawo ne Wydad Casablanca yase Morocco.

Amakhosi nabeqeqeshwa ngu Arthur '10111' Zwane ebambisene no Dillion Sheppard adlale ngokulingana ngo 0-0  e FNB Stadium nokuwawezele ngaphesheya kwazise igcine inqoba ngo 1-0 uma sekuhlanganiswa yomibili imidlalo, njengoba yawunqoba ngo 1-0 umlenze wokuqala nowawuse Morocco.

Kulindeleke ezika Shintsha Guluva ziyidlala umdlalo wamanqamu ne Al Ahly ne qeqeshwa ngu Pitso Mosimane wakuleli nokuyoba kungomdlalo ozodlalwa kanye ezweni lase Morocco mhla zingu 17 KuNtulikazi.


Friday, June 25, 2021

Beziwushaya ku Number 5

Sithunyelwe

 Isilomo somdlali we volley ball kumiqhudelwano yo thisha kazwelonke u Sfiso 'Number 5 ' Mathebula zimphelele izinsuku zokuba yimpohlo emva kokubopha ifindo lika sofasilahlane nesinqandamathe sakhe u Zamanyuswa Mathebula uka Meyiwa ngempelasonto edlule eMnambithi.

USfiso nobuye ebe nguThishomkhulu eLindokuhle Primary eNquthu ubengakwazi kuzibamba ngenxa yenjabulo anayo emva kwendumezulu yomshado nebihanjelwe imindeni yomibili, izihlobo  nedlanzana labazalwane akhonza nabo kubandla laMakhatholika ngenxa yemithetho eqinile ye covid.

Lezithandani sezinesikhathi zaba ndawonye njengoba kwazise zike zaba undabamlonyeni mhla kubonakala u Mathebula ecela umshado bukhoma kwenye yezindawo ephambili yokudla, neyabese indulelwa amalobolo ayevela kwelase Mtubatuba lapha kudabuka khona  uNumber 5 nokuyisiteketiso sakhe kubhola le volley ball njengoba abuye egijime kuqembu laso Phongolo elibizwa ngokuthi yi Pongola  Blockbusters.




Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...