Saturday, June 26, 2021

Abheke kweyamanqamu Amakhosi

 


Kuqopheke umlando enqenjini lape Kaizer Chiefs ngesikhathi engena okokuqala ngqa kumidlalo yamanqamu e CAF Champions league ngomgqibelo ebusuku emva komdlalo wawo ne Wydad Casablanca yase Morocco.

Amakhosi nabeqeqeshwa ngu Arthur '10111' Zwane ebambisene no Dillion Sheppard adlale ngokulingana ngo 0-0  e FNB Stadium nokuwawezele ngaphesheya kwazise igcine inqoba ngo 1-0 uma sekuhlanganiswa yomibili imidlalo, njengoba yawunqoba ngo 1-0 umlenze wokuqala nowawuse Morocco.

Kulindeleke ezika Shintsha Guluva ziyidlala umdlalo wamanqamu ne Al Ahly ne qeqeshwa ngu Pitso Mosimane wakuleli nokuyoba kungomdlalo ozodlalwa kanye ezweni lase Morocco mhla zingu 17 KuNtulikazi.


Friday, June 25, 2021

Beziwushaya ku Number 5

Sithunyelwe

 Isilomo somdlali we volley ball kumiqhudelwano yo thisha kazwelonke u Sfiso 'Number 5 ' Mathebula zimphelele izinsuku zokuba yimpohlo emva kokubopha ifindo lika sofasilahlane nesinqandamathe sakhe u Zamanyuswa Mathebula uka Meyiwa ngempelasonto edlule eMnambithi.

USfiso nobuye ebe nguThishomkhulu eLindokuhle Primary eNquthu ubengakwazi kuzibamba ngenxa yenjabulo anayo emva kwendumezulu yomshado nebihanjelwe imindeni yomibili, izihlobo  nedlanzana labazalwane akhonza nabo kubandla laMakhatholika ngenxa yemithetho eqinile ye covid.

Lezithandani sezinesikhathi zaba ndawonye njengoba kwazise zike zaba undabamlonyeni mhla kubonakala u Mathebula ecela umshado bukhoma kwenye yezindawo ephambili yokudla, neyabese indulelwa amalobolo ayevela kwelase Mtubatuba lapha kudabuka khona  uNumber 5 nokuyisiteketiso sakhe kubhola le volley ball njengoba abuye egijime kuqembu laso Phongolo elibizwa ngokuthi yi Pongola  Blockbusters.




Wednesday, June 23, 2021

Uzoqhubeka nokuqhoqhobala amadomu uNcane


Umsizi womqeqeshi weBafana Bafana uHelman 'Ncane' Mkhelele uzoqhubeka nokuba umaqhuzu eqembini lesizwe iBafana Bafana emidlalweni elandelayo yomqhudelwano we COSAFA cup nezobanjelwa eMpumalanga Kapa kuleli. UMkhalele nobambele uHugo Broos nosayogomela i covid kwelakubo e Belgium ukucacisile ukuthi nakuba ezimisele ngokunqoba lomqhudekwano keoha uzobadedela abadlali be Kaizer Chiefs kwazise isilunguzile kumdlalo wamanqamu e CAF Champions league njengoba ishaye i Wydad Casablanca yase Morroco ngo 1-0 kweyandulela amanqamu.

Lomqhudelwano we COSAFA cup nokungumqhudelwano wasemazansi ne Afrika uhlekwe ngaloluhlobo 

Kuqoqo lokuqala kuqhathwe i Botswana, Eswatini, Lesotho nomzansi Africa 

Kuqoqo lesibilii Comoros, Madagascar, Zambia ne Malawi

Kuqoqo lesithathu yi Senegal (emenyiwe), iZimbabwe, Namibia ne Mizambuque


Selilonke iqembu leBafana bafana lime kanje 

 Onozinti: Bruce Bvuma (Kaizer Chiefs) & Sifiso Mlungwana (Golden Arrows)
Abasemumva: Rushine De Reuck (Mamelodi Sundowns), Denwin Farmer (Baroka), Siyabonga Ngezana (Kaizer Chiefs), Njabulo Ngcobo (Swallows FC), Keenan Phillips (Supersport United), Mashweu Mphahlele (Baroka), Sifiso Ngobeni (Bloemfontein Celtic) & Bongani Sam (Orlando Pirates)
Abaseswini: Sphelele Mkhulise (Mamelodi Sundowns), Ethan Brooks (TS Galaxy), Siyethemba Sithebe (AmaZulu), Kgaogelo Sekgota (Swallows FC), Tiklas Thutlwa (Black Leopards), Happy Mashiane (Kaizer Chiefs), Vincent Pule (Orlando Pirates) & Goodman Mosele (Baroka)
Abagadli: Tshegofatso Mabasa (Orlando Pirates) no Bongokuhle Hlongwane ( Maritzburg United)

Uzibona egijima kwelidlala ku PSL noma NFD u Avbob

U Avbob esebangcwaba 

Uzibona elandela ezinyathelweni zabadlali abafana no Eric Buthelezi, Mxolisi Mhlanga, Nhlakanipho Mkhwanazi, Thobani Mmema no Sphesihle Ntshangase basoPhongolo abake badlala kumaqembu ku PSL naku NFD u Xolani 'Avbob' Masuku.

Lensizwa esencane engoyokuzakwa eMadanyini  negijima ku Pongola Classic ikhuluma ne NPG online news ithe "Ngifisa ukuzibona ngiyaphambili ngebhola nami ngivele ku TV, ngenze uMama eziqhenye ngami kwazise uMama u iwa evuka nami futhi naye kuyisifiso sakhe ukungibona ngindlondlobala ngebhola"

Uthando nekhono lebhola lwalensizwa eneminyaka engu 23 lwagqama isafunda emabangeni aphansi Emnyame Primary kanjalo nase Mbhekwa High School nalaphoaphothula khona uMatikuletsheni. Sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba ukuthi uma kunemiqhudelwano yebhola oPhongolo yilowo nalowo umuntu usuka ezobuka lensizwa kwazise ilitapeyita kuchwaze inkundla.

Saturday, June 19, 2021

Ubanyakazisa ngamaPiano owasoPhongolo ongumsakazi eLondon


Uma ubuzitshela ukuthi uma use London uzothi uvulela umsakazo wakhona i Groove London Radio Station uzwe iRock, pop music kuphela khohlwa uma kuseno Alex Masango odume ngelika The legendary DJ ongowokuzalwa oPhongolo nosezinze eLondon lapha angumsakazi khona walomsakazo.

Lensizwa eshayela uhlelo olubizwa ngokuthi yi Rhythm Nation nolungena ngolwesibili ngehora lesihlanu kuya kwelesikhombisa ngokwesikhathi saseNingizimu Afrika isinike inqwaba yo DJ abaphuma oPhongolo ithuba lokuthi bedlale ingxube yomculo ohlanganisiwe phecelezi ama mix ohlelelweni lwayo.

Ekhuluma ne NPG online news uthe "Uhlelo lwami lungolomculo yingakho ngiyaye ngimmeme oDJ umhlaba wonke ukuthi bezodlala ohlelweni,manje nami ngiyaye ngenze isiqiniseko sokungakhohlwa langiphuma khona oPhongolo, yingakho ngiyaye ngibammeme abafowethu basoPhongolo ohlelweni".


Uhlelo lwalensizwa alugcini ngokunika o Dj abakuleli ithuba luphinde lunike nomculo ovutshelwe kuleli ukuthi waziwe umhlaba wonke, umculo ofana ne Gqomu kanye nama Piano.

Ibuye nesikhuni sivutha iKaizer Chiefs e Morroco


 Iqembu leKaizer Chiefs liqhubekile nokushaya into ecokeme emidlalweni ye CAF Champions league ngesikhathi libhaxabulela Wydad Casablanca esibayeni sayo i Mohamed V Stdium eMorroco.

Ezikashintsha guluva okungamakhosi phela adandabule leliqembu ngomude u 1-0 nokube igoli elingene ngesiwombe sokuqala nelishaywe uNirkovic. Amakhosi nosekuyilona lodwa iqembu lase mazansi ne Africa eselisele kumaqembu amane kulemidlalo lisasalelwe umdlalo womlenze wesibili nayo Wydad Casablanca nozoba se FNB Stadium ngempelasonto ezayo, uma lingadlala ngokulinga ngo 0-0 noma ngo1-1 lizoya kodlala umdlalo wamanqama nozonqoba phakathi kwe Al Ahly ne Esperance kanti vele ezikaPitso Mosimane i Al Ahly zinqobile eTunisia ngo 1-0 izolo, nokubukeka kukuncane isekungazivimba ukuqedela umsebenzi kumlenze wesibili nozoba seGibhethe ngempelasonto ezayo

Okuqaphelekile kulemidlayo yombili ebidlalwa izolo ukuthi uCAF ibavumele abalandeli abayizinkulungwane ezinhlanu ukuthi bezobukela umdlalo, akwaziwake noma kusazokwenzeka okufanayo yini ngemilenze yesibili njengoba kuke kwaba nesixakaxaka esikhulu eTunisia abalandeli besusa uthuthuva nouphoqe amaphoyisa ukubahlakaza ngesisi esikhalisa unyembezi.

Kumdlalo we Kaizer Chiefs ubukeke eya ngokundlondlobala u Bruce Bvuma ezintini ngoba uphinde washaya into ecokeme engangenelwa goli nokuthe uma umdlalo uphela wakhihla isililo, lokushaya into ecokeme kuka Bvuma kubukeka kumjabulisa kakhulu uMqeqeshi omusha weBafana Bafana u Hugo Broos nowahluleka ukuzifika ngokuthi uyazifela ngalonozinti obanga ijezi no Itumeleng Khune no Akpei kuMakhosi

Aqalile ama play offs

 

🔆🔆✔

Emva komzukuzuku womdonsiswano phakathi kwe qembu le Royal AM ne PSL lokugijimisana ezinkantolo ngesinqumo sokugixabeza iSekhukhune United ngamaphuzu amathathu igcine iqala imidlalo yokuhlunga namuhla ntambama.

Umdlalo wokuqala ubuphakathi kwe Chippa United eqede endaweni yeshumi nanhlanu ku DSTV premiership kanye ne Richards Bay United, lomdlalo unqotshwe iChippa United ngo 2-1 nokube ngamagoli ashaywe ngu Mthethwa noMdlinzo kwathi ele Rich boys nesiqeqeshwa ngu Allain Freeze lashaywa ngu Celani Vilane.

Umdlalo olandelayo usazomenyezelwa kwazise ebihleliwe iphzamisekile ngesikhathi iRoyal Am ifaka icala nokwaphiqa ukuthi imidlalo ihlehliswe.


✔Sisekuzo ezemidlalo ucikice isivumelwane seminyaka emithathu sokuba ngumsizi womqeqeshi u Mandla 'Mhloli' Ncikazi neqembu le Orlando Pirates, lesisinyathelo sika Ncikazi siza emva kokusula isigubhukane kuqembu le Lamontville Golden Arrows ekusombulukeni kwalelivi.

✔Iqembu le Mamelodi Sundowns seliqalile liqinisa amalungiselelo esizini ezayo njengoba selithenge u Neo Maema ku Bloemfontein Celtic ngezizumbulu zemali nezingadalukwanga nokungangabazeki ukuthi zizolifukula mbijana iqembu le Celtic kwazise lokhu liphefumula ngenxeba cishe amasizini amane manje selokhu laba ngaphansi kuka Max Shabalala.

✔Kuphelile nge TTM emva kokuthi ishintshe igama isizokwaziwa njenge Marumo Gallants lokhu kuza emva kokuthi maohakathi nesizini edlule owayenguMnikazi wayo u Lawrence Mulaudzi ayithengisela u  Abram Sello nokwakungamvumeli ukushintsha igama kwazise umthetho we NSL awukuvumeli ukushintshwa kwegama isiqalile imidlalo.

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...