Sunday, August 13, 2017

NeDowns ilale iliwashile ijezi kweye MTN8

Nabalaleli beMamelodi Sundowns abasalanga ngaphandle ekulaleni nezinhliziyo ezibuhlungu kwazise iqembu labor libhaxabulwe kabuhlungu NGO 1-0 lishaywa iMarizburg United izolo ntambama ePitoli.

Leliqembu laseMphithi neliqeqeshwa uFadlu Davids lizithole lihamba phambili ngomzuzu Ka 56 ngegoli elishaywe u Evans Rusike. Nakuba igcine iguqile iSundowns kubonakele edlalisa abadlali bayo abasha okungu Oupa Manyisa no George Lebese.

Sisekuzo ezithinta I MTN 8 aqhathiwe amaqembu azogijimisana kweyandulela eyamanqamu nezoba imilenze emibili. IMarizburg United izodlala me Supersport United bese kuthi iCape Town City igijimisane me Bidvest Wits nezobe ivikela lesicoco eyasinqoba ngonyaka ophelile ibhaxabula iSundowns ngo 3-0.

Saturday, August 12, 2017

Uqhubekile nokuba iqaqa kwaChiefs uKomphela

Umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve Komphela uphinde wahluleka ukuzuza izinhliziyo zabalandeli baleliqembu ngokuthi liyoke kube Khona indebe eliyizuzayo ngaphansi kobuholi bakhe.

Amakhosi aphinde aba ukudla kwenduku ephuma ekuseni kumqhudelwano we MTN8 ngesikhathi eshaywa iqembu le Supersport United eMoses Mabhida stadium izolo ebusuku. Amatsantsantsa a Pitori naqeqeshwa ngu Eric Tinkler akhombise zibekwa nje ukuthi afuna ukudlulela esigabeni esilandelayo salomqhudelwano njengoba ahambe phambili ngesiwombe sokuqala ngegoli lika Jeremy Brockie.

Alokhu ayaziqathakela Ku MTN 8

Aqathaka ubuqathaqatha amaqembu emqudelwaneni wokuvula isizini eMzansi emqhudelwaneni we MTN8 njengoba esemabili amaqembu asezithole ebhekene nendishi yokuwasha ijezi kulomqhudelwano obalwa nemidala kuleli.

Izolo iqembu le Lamontville Golden Arrows lizithole seliwasha ijezi emva kokushaywa ngompetha beligi iBidvest Wits ngo 5-4 sekukhahlelwa amaPenalty emva kokuyhi umdlalo uphele zibambene ngo 2-2 emdlalweni obuneziwombe eziningi ebzikushiya ubambe ongezansi kwazise kuphume amakhadi abomvu amahlanu.

Kwathi namuhla uBenni Mccarthy nosagcwele amazolo kwezokuqeqesha uzibonakalisile ukuthi wayengagcini ngokuba umgadli owashayayo amagoli kuphela njengoba iqembu aliqeqeshayo iCape town City ibhabhadise iPolokwane City ngo 1-0 nokube umkhonto ogwaze ekhaya.

Kusalindeleke umdlalo oshisayo phakathi kwe Kaizer Chiefs ne Supersports United nozoba seMoses Mabhida Stadium namuhla ebusuku. Kulindeleke u Eric Tinkler aqhubeke nokuzihubela isobho ku Steve Komphela kwazise kuwona onke amaqembu aseke awaqeqesha uTinkler ufike ethi qhoqhoqho ekhanda ku Komphela.

Thursday, August 10, 2017

UMourinoh usejoyine iPirates

Iqembu le Orlando Pirates selimemezele lowo obeyisekela lomqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani 'Mourinoh' Mokwena njengephini lomqeqeshi wezimnyama.

Lenziswa eteketiswa ngelika Mourinoh imenyezelwe namuhla emini ukuthi izoba isekela lomqeqeshi naye osabala izinsuku efikile kuleliqembu laseSoweto uStrakovic.

Kusazocaca ukuthi laba abebengamasekela kulesizini edlule okungu Jazz Queen Legodi no Benson Mhlongo ukuthi ikusasa labo lizomaphi kuleliqembu eliqede isizini libalwa namanye amaqembu asinde ngokulambisa ekudlaleni imidlalo yamaplay offs edlalwa iqembu eliqede endaweni ka15 kulog kwazise liqede endaweni ka 13 nobekube ngokokuqala emlandweni waleliqembu kusukela kwasungulwa iPSL ngo1996.

Monday, July 10, 2017

Ahambe kanje ama Awards e PSL


Footballer of the Season: Lebogang Manyama (Cape Town City)
Absa Premiership Top Goal Scorer: Lebogang Manyama (Cape Town City) - 13 Goals
Absa Premiership Player's Player of the Season: Lebogang Manyama (Cape Town City)
Absa Premiership Goalkeeper of the Season: Darren Keet (Bidvest Wits)
Absa Premiership Defender of the Season: Thulani Hlatshwayo (Bidvest Wits)
Absa Premiership Midfielder of the Season: Aubrey Ngoma (Cape Town City)
Absa Premiership Young Player of the Season: Phakamani Mahlambi (Bidvest Wits)
Absa Premiership Coach of the Season: Gavin Hunt (Bidvest Wits)
National First Division Top Goal Scorer: Sedwyn George (Royal Eagles) - 20 Goals
Telkom Knockout Player of the Tournament: Aubrey Ngoma (Cape Town City)
Nedbank Cup Young Player of Tournament: Nduduzo Sibiya (Golden Arrows)
Nedbank Cup Player of the Tournament: Abbubaker Mobara (Orlando Pirates)
MTN8 Last Man Standing: Daine Klate (Bidvest Wits) 
Referee of the Season: Phelelani Ndaba
Assistant Referee: Luvuyo Pupuma
MultiChoice Diski Challenge Player Of Tournament: Keletso Makgalwa (Mamelodi Sundowns)
Absa Premiership Goal of the Season: Siphiwe Tshabalala

Wednesday, July 5, 2017

ULAXAZE iMabala Noise uDJ Bongz

UBongani Dlamini nowaziwa ngokuthi ngu DJ Bongz usule isigubhukane izolo enkampanini yokuqopha nabengumsunguli wayo iMabala Noise wayozosungulela eyakhe ebizwa ngokuthi iGwaragwara Entertainment.

UBongz nowaduma ngwngoma ethi Thina sobabili ubephethe ngokubambisana no Reggie Shelembe ku Mabala Noise nelokhu inuka iqaqa emva kokuwina inqwaba yezindodo komculi ongaphansi kwayo uNasty C kuma Metro Award kulonyaka nokwaqubula omkhulu umsindo ezweni abanye bethi vele akhokhelwe igwaqaza lama awadi.

Nakuba ekhiphe isitatimende ekhasini lakhe lika Facebook uBongz akafunanga ukunaba ngokumenze waqoka ukuphuma ibhodwe lakhe kulenkampani elokhu ishiywa abaculi abanohlonze njengoba no Rick Ricky ayilaxaza emva kokuthi ethe ama awadi ayathengwa lapha emzansi nakusho eyokwemukela indodo kuwona ama Metro Award.


Tuesday, June 27, 2017

Seligqabukile igoda phakathi kuka Teko Modise me Sundowns

Emva kweminyaka engaphezu kwemihlanu engumdlali weMamelodi Sundowns uTeko Modise lufike esiphelweni uhambo lwakhe kuleliqembu lase Pitoli emva kokungavumelani ngenkontileka yonyaka owodwa abenikwa yona iSundowns. Lezindaba zokugqhashuka kocu ziqinisekiswe iyona qobo iMamelodi Sundowns kusitatimende esanda kusikhipha.

UModise nowafika ku Bafana bestayela esuka ku Orlando Pirates udle isicoco se Caf Champions league, eseligi amahlandla amabili, iNedbank cup ukukha phezulu kuleliqembu lempunyela uMnumzane Patric Motsepe.

Nakuba eseneminyaka ewu 34 kubikwa ukuthi amaqembu afana ne Kaizer Chiefs, Cape town City kanjalo ne Orlando Pirates ayanyamaniswa nokumsayinisa kwazise azomthola bhusende.

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...