Selidume ledlula ngokhetho lohulumeni basekhaya imiphumela yamawadi asophongolo abe kanje
Ward 01 Independent CLLR
Ward 02 ANC
Ward 03 ANC
Ward 04 IFP
Ward 05 ANC
Ward 06 IFP
Ward 07 ANC
Ward 08 ANC
Ward 09 ANC
Ward 10 ANC
Ward 11 ANC
Ward 12 ANC
Ward 13 ANC
Ward 14 ANC
Ward 15 ANC
Thursday, August 4, 2016
Tuesday, August 2, 2016
Lizowaphosa ku ANC amavoti ayo i NFP
Iqembu le NFP imemezele ukuthi lizoxhasa i ANC ngamavoti kusasa okhethweni lhulumeni basekhaya.
Leqembu lika Nkosikazi Zanele Magwaza Msibi liqede ukuqagela obekukhona kwazise alikwazanga ukungenela ukhetho emva kokwehluleka ukukhokha imali yokungenela ukhetho.

Sunday, July 31, 2016
Ayaqala acobela kufalaza amaqembu ezepolitiki namuhla.
Amaqembu ezepolitiki aqalile ukuzitholela amavoti namuhla njengoba kuwusuku lokuqala lokhetho lohulumeni bezindawo.
Namuhla kanjalo nakusasa kuzoba kuvota labo ababhalisela ukuvota okukhethekile okungabe kudalwa ukuthi banezimo zezempilo ngabe ukugula noma ukukhubazeka kanjalo nalaba abayizakhumuzi zakuleli kepha ezikwamanye amazwe.
Sekuyothi ngolwesithathu kube ukhukhulela ngoqo wokhetho nalapha kuyothi kusa ngolwesine ebe sesaziwa amaqembu adle kusuka esigcemeni kuze kuyoshaya lumkhandlu wesifunda.
Lolukhetho luthathwa njengolukhulu kunazo zonke ezake zaba khona selokhu lelizwe lathola intando yeningi kwazise maningi amaqembu ancintisanayo kulolu.

Friday, July 29, 2016
Iphinde yahamba ekamabuyaze i NFP
Aphele nya amathemba okuthi izoba sokhethweni ngeviki elizayo ngolwesithathu emva kokuthi iphinde yayichitha unkantolo yokhetho ngesicelo sayo sokucela ukuba ingxenye yokhetho emva kokungakhokhi ngesikhathi imali ekhokhwa amaqembu uma kuzoba nokhetho.
Ngokombiko abammeli benhlangano esingethe ukhetho i IEC bathe akukho okungenziwa njengoba umthetho umile kanti futhi ukuwuchibiyela kobe kusho ukuthi akuzukuvotwa ngeviki elibuyayo kwazise sekuqedwe zonke izinsiza esizosentshenziswa okufaka ohakathi namaphepha okuvota.

Ingwijikhwebu ngokubuya ke Swallows
Emva kwegidigidi lenjabulo kubathandi beqembu le Moroka Swallows emva kokuvela kwezindaba zokuthi lithenge isitifiketi se Free State Stars izolo balale izihlathi zibuyele endaweni emva kwesitatimende esikhishwe iPSL sokuthi cha bekungamampunge ukudayiselana okukulamaqembu.
Evikini eledlule uSihlalo webhodi elingamele iPSL uDokotela Irvin Khoza wagxeka indlela loludaba oluputshuke ngayo nalapha athi bekumele uMnu Panyaza Lusufi angaqale eyikhulumele eziko lendaba nabamnika bemnik umbandela wokuthi kuthi kushaya ulqesihlanu ebe eseukhokhile u 55 Million wamaRandi nokuthiwa kwadayiselwana ngawo nokugcine kungenzekang.

Ziningi ezizothiba emgwaqeni ngenxa yesiteleka
Abashayeli bezimoto banxuswa ukuba bathelele nasezigujini uphetholo ngenxa yesiteleka senyunyana yabasebenzi i Ceppwawu esiqale izolo.
Lesitelek sabasebenzi abasebenza ezimbonini ezikhiqiza uphethilolo nokunye okungamakhemikhali kulindeleke sidonse kuze kushaye iviki elizayo ngenxa yokungaboni ngaso linye ngendaba yamaholo nokubikw ukuthi ingathi abaqashi bafuna kubuyekezwe izingxoxo.

Thursday, July 28, 2016
Ukhala ngokunganakwa umphakathi wakwaNhliziyo kayiqhaqhwa
Umphakathi wasesigodini sakwaNhliziyokayiqhaqhwa noma waseHlathini okuyisigodi esakhelwe inkosi yakwaSimelane endaweni yakwaShoba oPongolo khala ngokunganakwa ngezinto ezithinta intuthuko.
Lomphakathi omizi ebalelwa kwengaphezu kwamashumi amabili sesiside isikhathi ukhala ngokunganakwa abaholi bomphakathi kanjalo nekhansela lendawo. Ezintweni okukhalwa ngazo ukuthi nakuba inkantolo yesizwe isendaweni kodwa aawutshelwa lutho uma kuzoqashwa bantu ngamatoho avelayo, ngo2012 owayenguNgqongqoshe wezolimo uMnu Meshack Radebe wanikela ngamathanki amanzi endaweni yakwashoba zanikwa zonke izigodi koda lesi sanganikwa.
Lomphkathi ubuye wakhal ngokuthi ikhansela lendawo aulzi nangokhalo ubulicele emhlanganweni labika indlela langenza. Kubikwa ukuthi umgwao wagcina ukulungiswa kusaphethe ikhansela uMathabela ngo 2010.
Lomphakathi uthi ufuna induna yawo ezobika kuyo izikhalazo zawo.

Subscribe to:
Posts (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...