Sunday, August 30, 2015

ushumayela ivangeli lokuziphatha kahle u Dj Feleba

Isithombe sithathwe kufacebook
uSifiso Dlamini odume ngokuthi ngu Dj Feleba noma ngu Blaqvnomous uthi intsha ayifunde ukuziphatha kahle bese iyaphanta ukuze ibe nekusasa elinesisekelo.

Exoxa ne NPG newsblog uthe " ya mganami mpilo isiyashesha manje amantombazane no tshwala akubaleki umuntu akaphante impilo isiyabiza"

Lensizwa eklwebha amapuleti nephinde ibe ngu producer womculo weHouse isazibuza ukuthi idlule kanjani kulempilo yobumnandi " mfana ngdlulile  & nami angazi ngdlule njani...kubi ikakhulukazi la pongola...kubi kakhulu"

Nakuba evele wafa insini uma ebuzwa ukuthi imbi ngani impilo yobumnandi ikakhulukazi ophongolo ugcine ecela intsha ukuba isebenze kanzima ukuze izophila kangcono.

owaseSwazini uphika eyesibalo sabashonile

Uhulumeni waseSwazini uphika ushishiliza ngegonondo phansi ukuthi lesibalo sezintombi ezishonile eziwu 31 siyiqiniso obekuyimibiko ephume izolo nobekunamahebezi athi isibalo senyuke saze sayofika ku61 sabaphangalele ngesikhathi kushayisana iloli ebelithwele izintombi eziya emhlangeni nemoto encane.

Ngokwemibiko ekhishwe iphephandaba laseSwazini elibizwa ngokuthi iSwazi Observer ziyishumi nantathu kuphela izintombi ezishonile kwase kuthi eziwu 48 zaphuthunyiswa esibhedlela

Saturday, August 29, 2015

ukudla komphefumulo

Mfundisi Sabelo Shongwe
Apostolic Church - oPongolo
Ukuthula akube nani bazalwane.  imphela lolu,usuku oluhle iNkosy uJesu asenzele lona,wasipha, wasibekela okuhle nokungakaze kubonwe futhy kwaziwa. Akesibheke ku-Genesis 1 vs 1-2  “ ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba. 2. Umhlaba wawuyihlane elingenalutho, kwakungubumnyama phezu kotwa, Kepha uMoya kaSomakade wehla wenyuka phezu kwamanzi” imphela mhlobo wami, umhlaba wawungaphili, wawungena simo sokubukeka, wawungahlelekile. Kwakungena themba,akukhotho olwalungaphila. Ithi iZwi kukungubumnyama phezu kotwa, kodwa lalela mhlobo wami, uMoya kaSomandla wawehla wenyuka phezu kwamanzy. Kodwa mfowethu, lalikhona ithemba ngoba UMOYA weNkosi wawehla wenyuka. Cha wawungamile ndawonye kodwa wawehla wenyuka. Awu Nkosi yami. Wawubheka sonke isimo, konke kwakungaphansi kweso leNkosi. Wakhuluma ngolizwi wathi akubekhona ukukhanya, izwi lithy Kwehlukana ubumnyama nokukhanya. Ukukhanya kwanikwa igama lokuthy imini, ubumnyama kwathiwa ubusuku.kungenzeka emphilweni yakho kumnyama,kawunathemba lekusasa futhi ibukeka limfiliba kodwa ngifisa ukukunika isiqiniseko sokuthi UMOYA kaJehova uyehla uyenyuka phezu kwesimo nemphilo yakho. Konke okwenzeka emphilweni yakho kungaphansi kweso likaSomandla. Kusasesilinganisweni. INkosi isiyakhuluma phezu kobumnyama obukuhaqhile imphela methembe usekukhulumile ukukhanya emphilweni yakho. Methembe uSomandla lena indoda yempi.  wenza izinto ezingazange zabonwa yikho lokho afuna ukukwenza emphilweni yakho ukuze kwethenjwe iGama lakhe namandla akhe oDwa nabantu bembone kuwe okwakho ukumethemba ukuthi uyadila nezimo Zemphilo yakho. Nakhu ukukhanya phezu kwemphilo yakho. INkosi ikwenzele amandla okumethemba usalindele ukakhanya kwakho njalo njalo AMEN.

kuphangalale izintombi eziwu 38 ebezilibangise emhlangeni

Kubikwa ukuthi kushone izintombi eziwu38 ebezilibangise emkhosini womhlanga ezweni eliwumakhelwane wethu iSwaziland.lezintombi ziphangalale ngesikhathi iloli ebezihamba ngalo lishayisana nemoto encane izolo ngolwesihlanu ebusuku. Imibiko ithi bavaliwe abazendaba ukubika ngaloludaba

usinde engozini umfundisi Sthembiso Zondo

Umfundisi Sthembiso Zondo nethimba lakhe le Zero to hero. Basinde engozini yemonto ePiet Ritief izolo ebusuku ngesikhathi bephuma eMalelana lapha bebeyosebenzela ngakhona, akubikwanga muntu olimele. Ngokusho kukaMfundisi Zondo ekhasini lakhe lika facebook uthe ubonga ophezulu ngokubahlenga kulefu elimnyama

Friday, August 28, 2015

Selimenyezelwe elamaBhokobhoko elizodlala endebeni yomhlaba

Umqeqeshi wamaBhokobhoko okuyiqembu lesizwe lakuleli laseNingizimi Afrika lombhoxo, uHeyneke Meyer uselumemezele iqembu labadlali abangama-31 elizogijima endebeni yomhlaba.

Lemidlalo izobanjelwa phesheya kwezilwandle, eNgilandi kusukela ziyi-18 ngenyanag ezayo.

Elakuleli liseqoqweni elibizwa ngoPool B kanye neJapan, Samoa, Scotland neUSA.
Umqeqeshi wamaBhokobhoko uHeyneke Meyer (Isithombe: Facebook)


Selilonke iqembu laseMzansi limi kanje:

Willem Alberts, Schalk Brits, Schalk Burger, Damian De Allende, Lood de Jager, Jean de Villiers (captain), Bismarck du Plessis, Jannie du Plessis, Fourie du Preez, Pieter-Steph du Toit, Eben Etzebeth, Bryan Habana, Zane Kirchner,Siya Kolisi, Jesse Kriel, Patrick Lambie, Willie le Roux, Francois Louw, Frans Malherbe, Victor Matfield (vice-capt), Tendai Mtawarira, Lwazi Mvovo, Trevor Nyakane, Coenie Oosthuizen, Rudy Paige, Ruan Pienaar, JP Pietersen, Handré Pollard, Morné Steyn, Adriaan Strauss, Duane Vermeulen.


akasekho ubabamakize wasemzini wezinsizwa

Esizithola manje ngezithi Akasekho uMnu Rolad Mqwebu owaduma ngokuthi ubaba uMkhize emdlalweni wamahlaya owawubizwa ngokuthi Emzini Wezinsizwa

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...