Monday, November 23, 2020
Ijazi ligcwale umoya kuTinkler
IMarizburg united isiqome ukudedele u Eric Tinkler nobengumqeqeshi wayo emva kokuphikwa yimiphumela selokhu kuqale lesizini. U Tinkler nowayeyibamba eswini kuBafana Bafana ulandela u Kerr okhonjwe indlela yiBaroka nobuye waqashwa yi Black Leopard kwathi u Patrick Aussems obeku Leopard wakhonjwa afika ngayo.
Thursday, November 19, 2020
Unethemba lokuphinda akhonye kumiklomeko yaso Pongolo
U Mculi nobuye ahlanganise umsindo u Andile Ntshangase niwaziwa ngelika DJ Ashora kwezikaqedisizungu endaweni yasoPhongolo unethemba lokuthi nakulonyaka uzophinda anqobe kumiklomelo ebizwa ngokuthi Pongola Community awards naqale ngonyaka ofile.
Lensizwa eke yasebenza neqembu lase Goli elibizwa ngeSoulful Sound kulonyaka iqokelwe kumkhakha we Most influential male ngengoma yakhe ethi push through ayicule ngokuhlanganyela ni Sphe beno Qandachofoka.
Akasekho emhlabeni uMshoza
Kukhalwanxazonke kwezikaqedisizungu ngokudlula emhlabeni kuka Nomasonti Maswanganyi (37) nobedume ngelika Mshoza embonini yezomculo. Lentokazi eyaduma ngenoni elalithi 'Kortes' idlule emhlabeni ngokusa kwanamuhla (Ngolwesine) esibhedlela esibizw nge Eastrand nesisegoli.
Lentokazi eyake yasusa igidigidi ngokuzishintsha isikhumba ishiye emhlabeni abantwana bayo ababili.
Thursday, November 12, 2020
Ibolekwe isibabuli sogadli Ibhakaniya
Iqembu le Orlando Pirates lilokhu liqhubekile nokuthula abadlali abasha njengoba namuhla lethuli umgadli odabuka ezweni lase DRC u Jean-Marc Wakusu(28) nemboleke eqenjini i AS Vista Club yakhona eDRC.
Ugaqele esokungamela iCAF uMotsepe
Impunyela nenguMongameli weqembu i Mamelodi Sundowns ugaqele isikhundla sokuba nguMongameli wenhlangano engamele ibhola e Africa i CAF.
Isithangami sezindaba senhlangano engamele ibhola kuleli i SAFA neholwa nguMnumzane Danny Jordan kumenyezelwe ukuthi u Patrice Motsepe uzongenela ukhetho lokuba nguMongameli walenhlangano ye CAF nokuyisikhundla esiphethwe ngu Ahmad Ahmad obebukeka engezukubangiswa muntu kepha emva kwezinsolo zokungahambisi kahle ngakwezezimali ikhona okwenze umbango walesikhundla wasujiya njengoba nezwe lase Ivory Coast limemezele ukuthi uMnumzane Jacques Anouma uzolungenela ukhetho noluzobanjwa ngoMarch ngonyaka ozayo edolobheni iRabat ezweni lase Morocco.
Wednesday, November 11, 2020
Ubuyiselwe ngo Elethu uDokotela u Khoza kwese NSL
Uhlalo we Orlando Pirates uDokotela u Irvin Khoza uphinde waqokelwa ukiba ngusihlalo wekomidi elibhekele iligi yakuleli iNSL nefaka amaligi amabili okuyi PSL ne sigaba esingaphansi nesibizwa ngeGlad Africa Championship. U Iron Duke nokuyisiteketiso sika Irvin uzohola eminyaka emine nalapha azobe ebambisene nekomidi elakhiwe ngu Kaizer Motaung, Stan Mathews, John Comitis, Manto Madlala, David Thidiela, Dr Rejoice Vakashile Simelane no Robert Benadie
Usengene kwezengqephu obaziwa ngomculo
Insizwa yasendaweni yakwashoba eyaziwa ngokuba umculi womculo wokholo uMxolisi Mbokazi nobuye aziwe ngelika 'Kaka' usencelisa amawele njengoba esesheba umculo nezenqephu.
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
Mfundisi Sabelo Shongwe Apostolic Church - oPongolo Ukuthula akube nani bazalwane. imphela lolu,usuku oluhle iNkosy uJesu asenzele lona...
-
UMfundisi ME Vilane uqhubekile wayiqhakambisa indawo yaso Phongolo ngobuhle obenzeka kuyona, ngesikhathi edla umhlanganiso kumiklomelo yab...
-
UHulumeni wesifundzwe sase North west uthule intuthuko yokuxhasa umphakathi ngamakalishi adle imali elinganiselwa ku R780000 Lamakalishi azo...






