Monday, September 12, 2016

Bezibulala inyoka izintombi nto emhlangane

Beziphume ngothi lwazo izintombi nto zizothamela umkhosi womhlanga esigodlweni seSilo sesizwe samaZulu eNyokeni kwaNongoma ngempelasonto esiphuma kuyo.

Lomkhosi obanjwa njalo ngonyaka kubukeka ukhula unyaka nonyaka kwazise nakulonyaka bekungamakhulu ngamakhulu ezintombi ebezizobungaza lomkhosi osunesikhathi ukhona.

Nakuba ikhomishana yamalungelo abantu ithi lomkhosi uhlukumeza ilungelo lezingane kepha izintombi zilimise ngesihloko elokuthi aziyekwe zenze usiko lwazo futhi aziphoqwe muntu.

Sunday, September 11, 2016

Ukudla komphefumulo no Mbhishobhi BM Buthelezi

AMAHUBO 37:7
Thula phambi kukaJehova, ulindele yena; ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe, ngomuntu osongoza amacebo amabi.

Nginibingelele bafundi balengosi.
Nhifisa ukudlulisa lelizwi njengesexwayiso kithina sonke. Ungabi nomona uma kukhona abaphumelelayo ngaphambi kwakho. Isizathu yikuthi awuyazi impumelelo yakhe ukuthi ifike kanjani. Abanye baze bawele ezihibeni zokungalungi ngenxa yokufisa izinto.

Yeneliswa yilokho uJehova akuphe khona. Enye impumelelo yabantu yeza sekugcitheke igazi. Ngabe nawe ufuna ukuya lapho?

Ungazikhathazi ngonenhlanhla endleleni yakhe!

Amen!!

Bishop B.M. Buthelezi
Zoe Christian Fellowship International
Cell. 0827546476

Sunday, September 4, 2016

Amathimbixo adelela umkhosi womhlangaqaaaqqaaaaqqaa

Ongangezwe lakhe isilo sesizwe samaZulu sikhala ngokudelelwa kwesiko lwesizwe samazulu lomkhosi womhlanga.

Ngokombiko okhishwe yiphephandaba isolezwe uBayethe ubekhuluma nezintombi ezizohambela umkhosi womhlanga esigidlweni saseMachobeni kwelasenyakatho eNgwavuma.

uBhejana uphuma esiqiwini ukhuluma kanjena nje uqondise kuphiko lwabesifazane lwe ANC nolwathi aluhambisani nalolusiko oseluneaikhathi eside lwenziwa esizweni samazulu nabathi luwukuhlukumeza izintombi.

Ugcotshelwe esobuBhishabhi ohlala esipha ukudla komphefumulo ku NPG Newsblog

Lithe lishona elayizolo ubese egcotshelwe esikhundleni sokuba uMbhishobhi webandla le Zoe Christian fellowship church uMnuzane Bhekithemba M buthelezi nobuye abe yingxenye yomndeni we NPG Newsblog.

Lenkonzo ebibanjelwe ehholo lomphakathi eSikhaleni izolo ntambama ubuhanjelwe abaholi abaningi bamabandla kanjalo nezinye izikhulu zeminyango ehlukene kahulumeni noaoPolitiki kwazise bekukhona noSolwazi Nhlanhla Khubisa obekuqembu le NFP.

UMbhishobhi uButhelezi noseyibambe iminyaka engaphezu kuka 23 impilo yokushumayela ivangeli ugcotshelwe kulesikhundla ubuholi obuphezulu benhlangano engamele amabandla angaphansi kwe Fellowship emhlabeni jikelele.

Friday, September 2, 2016

Kulindeleke ibuyise isithunzi kowamaswidi iBafana Bafana

Nakubo kuzobe kufana nokudlalela amaswidi emdlalweni ezowudlala ne Mauritania Ibafana Bafana izolwela ukubuyisa iithunzi sayo nokunyus umgqigqo ozoyisiza emidlalweni yokuhlungela indebe yomhlaba.

Lomdlalo wokuhlungela i Afcon awusasho lutho kubafana baka Shakes Mashaba kwazise abakwazanga ukuqoqa amaphuzu anele ukuze bayomela leli kulemidlalo esayinqob ngo 1996 nakhona ibanjelwe kuleli.

IBafana Bafana izozama nokubuyisa izinduku kazis yaphndulwa oMpushana ishaya yilelizwe ngonyaka ophelile emlenzeni wokuqala .

Thursday, September 1, 2016

Kubukeka amaqembu exoshwa ukubiza kuka Mfanakagogo

Kubikwa ukuthi amaqembu afana ne Kaizer Chiefs ne Wits abalekiswe ukubiza imali enkulu komdlali we Black Leopard uSphelele ' Mfanakagogo' Ntshangase.

Ngokwemibiko kubikwa ukuthi lamaqembu asegoli ebezimisele ngokumthenga lomdlali wasoPhongolo eNcotshane kepha imali efunwa yiqembu lakhe laseLimpopo iBlack leopard yiyona exosha lamaqembu. Lomdlali obuye abe ngukaputeni kuleliqembu lika David Thidiela uselelwe unyaka kunkontileka yakhe nokuzomnika igunya lokuqala izingxoxo neqembu alifunayo ngoJanuary nokubukeka kuzophoqa uThidiela ukuba amdayise engaze engatholi nendibilishi ngaye.

Luyaqala uhlelo lokunikeza imishanguzo yesandulela ngculazi

Namuhla siyaqala isinqumo sokuthi uma umuntu etholakale ensandulelangculazi eyiqale imishanguzo ngale kokulinda amasotsha omzimba ukuthi ehle emzimbeni.

Lesinqumo kulindeleke ukuba sisize ekutheni abantu baqale kusenesikhathi ukuthithibalisa leligciwane egazini. Kubukeka lesinyathelo sizosiza kakhulu eningizimu Africa njengoba babalelwa ngaphezu kwezigidi ezimbili abantu abahlomula ngamaphilisi okuthithibalisa lesisifo.

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...