Friday, June 10, 2016

Maningi amadoda anenkinga yokugamanxa kwehora lesithupha eNingizimu Afrika

Isikhungu esibizwa ngokuthi yi Pharma Dynamics aikhiphe umbiko othi abalelwa ku 5 Million amadoda aseNingizimu Africa anenkinga yokuthi induku ikhomba phansi makumele kuyiwe ocansini.

Lolucwaningo lubika ukuthi iningi lalamadoda azithola ekulenkinga yokugamanxa kwehora lesithupha nje yingenxa yezinto eziningi ezithinta ukungazinakekeli nokubese kudala izifo ezifana nesifo senhliziyo umfutho ophezulu wegazi ushukela ugwayi nokuphuza kakhulu utshwala.

Tuesday, June 7, 2016

Obekhonjwa kwesokuqeqeshe iPirates u Stephen Keshi akasekho emhlabeni

Umakadebona kwezebhola lezinyawo odabuka e Nigeria u Mnu Stephen Keshi akasekho emhlabeni.

UKeshi nowanqoba isicoco se Afcon njengomdlali waphinda wasinqoba njengomqeqeshi eseqeqesha izwe lakhe iNigeria kubikwa ukuthi umelwe inhliziyo washona esezweni lakhe eNigeria.

Lomqeqeshi obeseqeqeshe amazwe amaningi nokubalwa ne Togo ayifaka okokuqala ngqa emidlalweni yendebe yomhlaba uhamba nje emhlabeni ulandela unkosikazi wakhe nokubikwa ukuthi washona ngo December nyakenye.

Lokaputeni wakudala wezwe lase Nigeria uhamba nje bekusabalele amahemuhemu athi ufunwa yiqembu le Orlando Pirates uthuli ukuba azoliqeqesha.

Monday, June 6, 2016

Alokhu eba iqiniso okwabizwa ngamampunge ngokuxoshwa kongqongqoshe

Lilokhu ligecile izembe ezikhundlelni ezinkulu zikahulumeni kwaZulu Natal lokhu kuza emva kokuxoshwa kwalowo obephethe umnyango wezemfundo umama u Peggy Nkonyeni kwangena lowo obengusekela Ngqongqoshe kwezolimo namahlathi uMnu Mthandeni Dlungwane.

Emavikini angemangaki edlule kwaphuma uhlu longqongqoshe abazoxoshwa ezikhundleni kuloluhlu olwalubeke kwelenyoni lowo obengundunankulu wesifundazwe uMnu Senzo Mchunu nosekuwumlando ukuthi sewagawulwa izembe kwangena uMnu Willies Mchunu.

Amehlo omphakathi azolokhu ethe njo kanjalo nezindlebe zizocijela ukuzwa ukuyhi ngubani olandelayo kulabo abakuloluhlu noselubonakala luya ngokuncipha.

Akasekho umakadebona kwezokulingisa

Inkunzi emdwayidwa kwezokulingisa ubaba u Sbusiso Nyembezi nobaziwa ngamagalelo akhe kwezokulingisa emdlalweni wamahlaya owawuthi emzini wezinsizwa kushone elayizolo engena engenile amazwi enduduzo emndenini wakhe emva kokudlula ngokukhulu ukuzuma nokubikwa ukuthi ubenesifo sikashukela.

Saturday, June 4, 2016

Ubonga izimbuzi ngokulolonga ikhono lokusakaza oweNguna FM

Sithunyelwe
Ukukhula elingisa uKhetha Gwala ngesikhathi eluse izimbuzi ikhona okwalolonga ikhono lokusakaza kunsizwa esencane uNtozabantu Mpungose ongumsakazi wokuqina weNguna fm nokungumsakazo wamakholwa ozinze edolobheni lasoLundi.

Loluswahla lwensizwa oluneziqu zokusakaza nolwazithola e Intec College lwenza uhlelo lwezemfundo maphakathi neviki lubuye lushayele uhlelo lukaMaskandi ngesabatha/Mgqibelo ngehora leshumi nambili emini, nakuba egxile embhobheni kepha ubuye abe ngumdidiyeli wezinhlelo kulomsakazo otholakala ku 89.0 fm.

Lensizwa engubaba wendodakazi eneminyaka emihlanu izibona isakazela imisakazo emikhulu kanjalo isinohlelo lwayo kumabonakude eminyakeni ezayo nakuba ibonakala ihamba emzileni obheke phambili kepha ayikhohliwe imfundo njengoba yenza unyaka wesine ezifundweni zobuthushela ekolishi lase Saints.

Ekhuluma neNewsblog u Snebhesh nokuyigama abuye ateketiswe ngalo u Ntozabantu unxuse intsha ukuba izame ngakho konke okusemandleni ukuvezekisa amaphupho ayo bese idlalela kude notshwala nezidakamizwa.

Thursday, June 2, 2016

Isimanga senkonyane elizalwe linezinhloko ezimbili

Kube nesimanga senkonyane elizalwe linezinhloko ezimbili endaweni yakwaShoba oPhongolo.

Lelinkonyane elingaphilanga isikhathi eside ngoba ligcine ngokufa lazalwa emavikini edlule lizalwe linamehlo amane imilomo namakhala okubili .

NB: ngenxa yokuvikela nokuhlonipha isicelo somndeni ngeke sisiveze isithombe senkonyane

Wednesday, June 1, 2016

Inqwaba efakwe amasondo ku Chiefs

Iqembu leKaizer Chiefs nelithathwa njengelinye elikhulu ezweni kuthe kulalwa izolo bese kusabalele uhlu lwabadlali okuthiwa angeke bebonakale kuleliqembu.

Amakhosi nokuyigama eliteketiswa ngalo leliqembu lalowo owayeyibamba ku Orlando Pirates u Kaizer Motaung liqrde isizini linganqobanga ngisho esisodwa isicoco kweze PSL neze Caf. Indlela Amakhosi abedlala ngayo bekungeke kuthuse ukuwabona eliwasha ekuseni ijezi ngisho ezitekini zenkukhu ngendlela yebhola elinhlakanhlaka ebelidlala nokuyeka oqekele bamathuba okushaya amagoli.


Abangeke kuvuselelwe izinkontileka zabo ngu Morgan Gould Yeye Letsholonyane , Ryde Pieterse no Siboniso Gaxa

Abacelwe ukuthi becinge amanye amakhaya yilaba  Philani Cele, Ovidy Karuru, Levy Mokgothu, Simphiwe Mtsweni, Shandukani Mulovhedzi, Chris Matombo, Zitha Macheke

Abasohlwini lwabadayiswayo  Siyanda Xulu, Bongani Ndulula, Edward Manqele, Siphelele Mthembu, Sula Matovu, Ivan Bukenya

Ababolekiswayo David Zulu (Chippa United) no Andisiwe Mtsila

Okushintshiswane ngaye ngu Keegan Ritchie ku SuperSport United no Sibusiso Khumalo

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...