U Shimora nokungesinye seziteketiso zika Mampintsha udlule emhlabeni esesibhedlela nalapho ayengeniswe khona emva kouhlazelw isifo sohlangothi. Ngokwesitatimende esikhishwe yinkampani yakhe i westink imininingwane yesikhumbuzo neyomngcwabo izmenyezelwa.
Saturday, December 24, 2022
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maphumulo.
Thursday, December 22, 2022
ifu elimnyama e Mzala Nxumalo
Umholi we-ANC Women’s League esifundeni saseMzala Nxumalo, uNkosikhona Mdlalose, udlule emhlabeni engozini yemoto ebuya engqungqutheleni yamashumi amahlanu nanhlanu ye-ANC ebise Nasrec eGoli ngolwesibili.
umaMdlalose obebuye ebe ikhansela ku wadi 12 ngaphansi kuMasipala Abaqulusi udlule emhlabeni kanye no Mnumzane Mpendulo Khumalo obeshayela imoto nobuye abe yilunga eliqavile le Sifunda uMzala Nxumalo, kwalimala kanzima uNkosazane Selusiwe Ntuli osekomidini lalesifunda.
Wednesday, December 21, 2022
Uyalulama u Mampintsha
Uyalulama esibhedlela Umculi weqembu or Big Nuz uMandla Maphumulo nodume ngelika Mampintsha nohlaselwe isifo sohlangothi phecelezi Stroke ngolimi lokwebolekwa.
UNkosikazi walomculi u Babes nodume Nate ongumculi uthi bamphuthumise e King Edward ngaphambi kokuthi adluliselwe eDurdoc Hospital khona belu eThekwini nalapha alila Mela khona.
Sunday, December 18, 2022
Ukhuze ibuya u Ramaphosa
Emva kwegidigidi nelukuluku ebeliphethe amalungu nabalandeli beNhlangano ka ANC mayelana nokhetho lobuholi buka zwelonke ukuqagela kuphelile. Ukuncintisana obekuphezulu ngobesikhundla sokuba nguMongameli weNhlangano obudla lubi phakathi kuka Mnumzane Cryil Ramaphosa no Dokotela Zweleni Mkhize nosekungumlando ukuthi i Ankole (nokuyisiteketiso sika Ramaphosa) ikhuze ibuya kwesikaMongameli kwazise kuyiwekuleNgququthela kunguwe uMongameli njengoba akhethwa ngo 2017 khona belu eNasrec.
LeNgququthela ethwathwa njengenye eqophe umlando kwazise esikhundleni sikaMgcinimafa kukhethwe owesifazane okokuqala ngqa ibonakale ibenezikhawu lapha obekubuye kushube imimoya ikakhulukazi kuzithunywa ebezivela kwaZulu Natal nebezithwele ngeqoma uDokotela Zweli Mkhize.
Selulonke ukhetho luhambe kanje lobuholi obuphezulu
Amavoti abaliwe 4,386
EsikaMongameli:
amavoti onakele: 4
Abangavotanga: 7
Zweli Mkhize: 1,897
Cyril Ramaphosa: 2,476
Sekela Mongameli
Amavoti onakele: 10
Abangavotanga: 23
Ronald Lamola: 315
Oscar Mabuyane: 1,858
Paul Mashatile: 2,178
Usihlalo kazwelonke
Amavoti onakele: 1
Abangavotanga: 13
Gwede Mantashe: 2,062
David Masondo: 280
Stanley Mathabatha: 2,018
Unobhalajikelele
Amavoti onakele: 7
Abangavotanga: 15
Phumulo Masualle: 1,590
Fikile Mbalula: 1,692
Mdumiseni Ntuli: 1,080
Usekela NobhalaJikelele wokuqala
Amavoti onakele: 5
Abangavotanga: 39
Tina Joemat-Pettersson: 2,145
Nomvula Mokonyane: 2,195
Usekela Nobhalajikelele wesibili
Amavoti onakele: 7
Abangavotanga: 56
Ronala Nalumango: 1,948
Maropene Ramokgopa 2,373
Umgcinimafa Jikelele
Amavoti onakele: 12
Abangavotanga: 40
Bejani Chauke: 590
Pule Mabe: 1,652
Mzwandile Masina: 281
Gwen Ramokgopa: 1,809
Subscribe to:
Posts (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
Bewumbonga ngokukluluza umnikazi wamacwecwe angumkokotelo abephulwa ngamaphoyisa edolobheni lasoPhongolo endaweni eyingoje ebizwa ngokuthi k...
-
Usathuka izanya umphakathi wesinye zezigodi zasendaweni yakwaCeza budebuduze nedolobha lasoLundi emva kwesigameko ezinyantisa igazi sokuqoth...
-
Mfundisi Sabelo Shongwe Apostolic Church - oPongolo Ukuthula akube nani bazalwane. imphela lolu,usuku oluhle iNkosy uJesu asenzele lona...