Saturday, June 26, 2021

Abheke kweyamanqamu Amakhosi

 


Kuqopheke umlando enqenjini lape Kaizer Chiefs ngesikhathi engena okokuqala ngqa kumidlalo yamanqamu e CAF Champions league ngomgqibelo ebusuku emva komdlalo wawo ne Wydad Casablanca yase Morocco.

Amakhosi nabeqeqeshwa ngu Arthur '10111' Zwane ebambisene no Dillion Sheppard adlale ngokulingana ngo 0-0  e FNB Stadium nokuwawezele ngaphesheya kwazise igcine inqoba ngo 1-0 uma sekuhlanganiswa yomibili imidlalo, njengoba yawunqoba ngo 1-0 umlenze wokuqala nowawuse Morocco.

Kulindeleke ezika Shintsha Guluva ziyidlala umdlalo wamanqamu ne Al Ahly ne qeqeshwa ngu Pitso Mosimane wakuleli nokuyoba kungomdlalo ozodlalwa kanye ezweni lase Morocco mhla zingu 17 KuNtulikazi.


Friday, June 25, 2021

Beziwushaya ku Number 5

Sithunyelwe

 Isilomo somdlali we volley ball kumiqhudelwano yo thisha kazwelonke u Sfiso 'Number 5 ' Mathebula zimphelele izinsuku zokuba yimpohlo emva kokubopha ifindo lika sofasilahlane nesinqandamathe sakhe u Zamanyuswa Mathebula uka Meyiwa ngempelasonto edlule eMnambithi.

USfiso nobuye ebe nguThishomkhulu eLindokuhle Primary eNquthu ubengakwazi kuzibamba ngenxa yenjabulo anayo emva kwendumezulu yomshado nebihanjelwe imindeni yomibili, izihlobo  nedlanzana labazalwane akhonza nabo kubandla laMakhatholika ngenxa yemithetho eqinile ye covid.

Lezithandani sezinesikhathi zaba ndawonye njengoba kwazise zike zaba undabamlonyeni mhla kubonakala u Mathebula ecela umshado bukhoma kwenye yezindawo ephambili yokudla, neyabese indulelwa amalobolo ayevela kwelase Mtubatuba lapha kudabuka khona  uNumber 5 nokuyisiteketiso sakhe kubhola le volley ball njengoba abuye egijime kuqembu laso Phongolo elibizwa ngokuthi yi Pongola  Blockbusters.




Wednesday, June 23, 2021

Uzoqhubeka nokuqhoqhobala amadomu uNcane


Umsizi womqeqeshi weBafana Bafana uHelman 'Ncane' Mkhelele uzoqhubeka nokuba umaqhuzu eqembini lesizwe iBafana Bafana emidlalweni elandelayo yomqhudelwano we COSAFA cup nezobanjelwa eMpumalanga Kapa kuleli. UMkhalele nobambele uHugo Broos nosayogomela i covid kwelakubo e Belgium ukucacisile ukuthi nakuba ezimisele ngokunqoba lomqhudekwano keoha uzobadedela abadlali be Kaizer Chiefs kwazise isilunguzile kumdlalo wamanqamu e CAF Champions league njengoba ishaye i Wydad Casablanca yase Morroco ngo 1-0 kweyandulela amanqamu.

Lomqhudelwano we COSAFA cup nokungumqhudelwano wasemazansi ne Afrika uhlekwe ngaloluhlobo 

Kuqoqo lokuqala kuqhathwe i Botswana, Eswatini, Lesotho nomzansi Africa 

Kuqoqo lesibilii Comoros, Madagascar, Zambia ne Malawi

Kuqoqo lesithathu yi Senegal (emenyiwe), iZimbabwe, Namibia ne Mizambuque


Selilonke iqembu leBafana bafana lime kanje 

 Onozinti: Bruce Bvuma (Kaizer Chiefs) & Sifiso Mlungwana (Golden Arrows)
Abasemumva: Rushine De Reuck (Mamelodi Sundowns), Denwin Farmer (Baroka), Siyabonga Ngezana (Kaizer Chiefs), Njabulo Ngcobo (Swallows FC), Keenan Phillips (Supersport United), Mashweu Mphahlele (Baroka), Sifiso Ngobeni (Bloemfontein Celtic) & Bongani Sam (Orlando Pirates)
Abaseswini: Sphelele Mkhulise (Mamelodi Sundowns), Ethan Brooks (TS Galaxy), Siyethemba Sithebe (AmaZulu), Kgaogelo Sekgota (Swallows FC), Tiklas Thutlwa (Black Leopards), Happy Mashiane (Kaizer Chiefs), Vincent Pule (Orlando Pirates) & Goodman Mosele (Baroka)
Abagadli: Tshegofatso Mabasa (Orlando Pirates) no Bongokuhle Hlongwane ( Maritzburg United)

Uzibona egijima kwelidlala ku PSL noma NFD u Avbob

U Avbob esebangcwaba 

Uzibona elandela ezinyathelweni zabadlali abafana no Eric Buthelezi, Mxolisi Mhlanga, Nhlakanipho Mkhwanazi, Thobani Mmema no Sphesihle Ntshangase basoPhongolo abake badlala kumaqembu ku PSL naku NFD u Xolani 'Avbob' Masuku.

Lensizwa esencane engoyokuzakwa eMadanyini  negijima ku Pongola Classic ikhuluma ne NPG online news ithe "Ngifisa ukuzibona ngiyaphambili ngebhola nami ngivele ku TV, ngenze uMama eziqhenye ngami kwazise uMama u iwa evuka nami futhi naye kuyisifiso sakhe ukungibona ngindlondlobala ngebhola"

Uthando nekhono lebhola lwalensizwa eneminyaka engu 23 lwagqama isafunda emabangeni aphansi Emnyame Primary kanjalo nase Mbhekwa High School nalaphoaphothula khona uMatikuletsheni. Sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba ukuthi uma kunemiqhudelwano yebhola oPhongolo yilowo nalowo umuntu usuka ezobuka lensizwa kwazise ilitapeyita kuchwaze inkundla.

Saturday, June 19, 2021

Ubanyakazisa ngamaPiano owasoPhongolo ongumsakazi eLondon


Uma ubuzitshela ukuthi uma use London uzothi uvulela umsakazo wakhona i Groove London Radio Station uzwe iRock, pop music kuphela khohlwa uma kuseno Alex Masango odume ngelika The legendary DJ ongowokuzalwa oPhongolo nosezinze eLondon lapha angumsakazi khona walomsakazo.

Lensizwa eshayela uhlelo olubizwa ngokuthi yi Rhythm Nation nolungena ngolwesibili ngehora lesihlanu kuya kwelesikhombisa ngokwesikhathi saseNingizimu Afrika isinike inqwaba yo DJ abaphuma oPhongolo ithuba lokuthi bedlale ingxube yomculo ohlanganisiwe phecelezi ama mix ohlelelweni lwayo.

Ekhuluma ne NPG online news uthe "Uhlelo lwami lungolomculo yingakho ngiyaye ngimmeme oDJ umhlaba wonke ukuthi bezodlala ohlelweni,manje nami ngiyaye ngenze isiqiniseko sokungakhohlwa langiphuma khona oPhongolo, yingakho ngiyaye ngibammeme abafowethu basoPhongolo ohlelweni".


Uhlelo lwalensizwa alugcini ngokunika o Dj abakuleli ithuba luphinde lunike nomculo ovutshelwe kuleli ukuthi waziwe umhlaba wonke, umculo ofana ne Gqomu kanye nama Piano.

Ibuye nesikhuni sivutha iKaizer Chiefs e Morroco


 Iqembu leKaizer Chiefs liqhubekile nokushaya into ecokeme emidlalweni ye CAF Champions league ngesikhathi libhaxabulela Wydad Casablanca esibayeni sayo i Mohamed V Stdium eMorroco.

Ezikashintsha guluva okungamakhosi phela adandabule leliqembu ngomude u 1-0 nokube igoli elingene ngesiwombe sokuqala nelishaywe uNirkovic. Amakhosi nosekuyilona lodwa iqembu lase mazansi ne Africa eselisele kumaqembu amane kulemidlalo lisasalelwe umdlalo womlenze wesibili nayo Wydad Casablanca nozoba se FNB Stadium ngempelasonto ezayo, uma lingadlala ngokulinga ngo 0-0 noma ngo1-1 lizoya kodlala umdlalo wamanqama nozonqoba phakathi kwe Al Ahly ne Esperance kanti vele ezikaPitso Mosimane i Al Ahly zinqobile eTunisia ngo 1-0 izolo, nokubukeka kukuncane isekungazivimba ukuqedela umsebenzi kumlenze wesibili nozoba seGibhethe ngempelasonto ezayo

Okuqaphelekile kulemidlayo yombili ebidlalwa izolo ukuthi uCAF ibavumele abalandeli abayizinkulungwane ezinhlanu ukuthi bezobukela umdlalo, akwaziwake noma kusazokwenzeka okufanayo yini ngemilenze yesibili njengoba kuke kwaba nesixakaxaka esikhulu eTunisia abalandeli besusa uthuthuva nouphoqe amaphoyisa ukubahlakaza ngesisi esikhalisa unyembezi.

Kumdlalo we Kaizer Chiefs ubukeke eya ngokundlondlobala u Bruce Bvuma ezintini ngoba uphinde washaya into ecokeme engangenelwa goli nokuthe uma umdlalo uphela wakhihla isililo, lokushaya into ecokeme kuka Bvuma kubukeka kumjabulisa kakhulu uMqeqeshi omusha weBafana Bafana u Hugo Broos nowahluleka ukuzifika ngokuthi uyazifela ngalonozinti obanga ijezi no Itumeleng Khune no Akpei kuMakhosi

Aqalile ama play offs

 

🔆🔆✔

Emva komzukuzuku womdonsiswano phakathi kwe qembu le Royal AM ne PSL lokugijimisana ezinkantolo ngesinqumo sokugixabeza iSekhukhune United ngamaphuzu amathathu igcine iqala imidlalo yokuhlunga namuhla ntambama.

Umdlalo wokuqala ubuphakathi kwe Chippa United eqede endaweni yeshumi nanhlanu ku DSTV premiership kanye ne Richards Bay United, lomdlalo unqotshwe iChippa United ngo 2-1 nokube ngamagoli ashaywe ngu Mthethwa noMdlinzo kwathi ele Rich boys nesiqeqeshwa ngu Allain Freeze lashaywa ngu Celani Vilane.

Umdlalo olandelayo usazomenyezelwa kwazise ebihleliwe iphzamisekile ngesikhathi iRoyal Am ifaka icala nokwaphiqa ukuthi imidlalo ihlehliswe.


✔Sisekuzo ezemidlalo ucikice isivumelwane seminyaka emithathu sokuba ngumsizi womqeqeshi u Mandla 'Mhloli' Ncikazi neqembu le Orlando Pirates, lesisinyathelo sika Ncikazi siza emva kokusula isigubhukane kuqembu le Lamontville Golden Arrows ekusombulukeni kwalelivi.

✔Iqembu le Mamelodi Sundowns seliqalile liqinisa amalungiselelo esizini ezayo njengoba selithenge u Neo Maema ku Bloemfontein Celtic ngezizumbulu zemali nezingadalukwanga nokungangabazeki ukuthi zizolifukula mbijana iqembu le Celtic kwazise lokhu liphefumula ngenxeba cishe amasizini amane manje selokhu laba ngaphansi kuka Max Shabalala.

✔Kuphelile nge TTM emva kokuthi ishintshe igama isizokwaziwa njenge Marumo Gallants lokhu kuza emva kokuthi maohakathi nesizini edlule owayenguMnikazi wayo u Lawrence Mulaudzi ayithengisela u  Abram Sello nokwakungamvumeli ukushintsha igama kwazise umthetho we NSL awukuvumeli ukushintshwa kwegama isiqalile imidlalo.

Thursday, June 17, 2021

Kwakuyiphupho lami ukuzisebenza - Linda wabantu

 


Cishe kuzona zonke izingane ezisuka zisafunda isikole uma uzibuza ngamaphupho azo ezinawo ezinye zifuna ukuba ngothisha, ezinye ngodokotela, ezinye ngamaphoyisa njalonjalo kepha ku Lindani 'Lindawabantu' Mthembu akubanga njalo wayezibona enendawo ethi yena yokugunda izinwele.

ULindani noyisibuko uma kukhulunywa ngentsha esebenzisa ikhono layo ukuziphilisa uthi wayengaziboni enza omunye umsebenzi ngaphandle kwalona wokucwala abantu izinwele nokuyiwona asedume ngawo uPhongolo lonkana.

"Eqinisweni uthando lokugunda izinwele ngaphiwa ujehova njengoba ngisakhula ekhaya umalume wasithengela umshini ukuthi sigundane, manje kwakuvele kube yimi othanda ukugunda abafowethu nokwathi uma omakhelwane bebona ikhona baqala bangicela ukuba ngibagunde" kuchaza lensizwa enesithabathaba somuzi endaweni yase Ncotshane oPhongolo.

Nakuba kungabanga lula ukuqala lelibhizinisi ezimelekwazise wake wasebenza kwezinye izindawo cishe iminyaka emihlanu nalapho ayeqongelela khona imali ukuze ebe nendawo yakhe yokusebenza. Namuhla sekubukeka njengephupho ukuthi usenendawo yakhe eseNcotshane eZitinini nehlezi iphithizela amakhasimende.

" Khona akubanga lula ukuzimela ngoba emqondweni wami nganginakho ukuqala ngizimele kepha amazwi engawatshelwa ngomunye uBaba engangivame ukumgunda nongu Thishomkhulu kwesinye isikole okungubaba uMavimbela angenza ngacabanga ngenye indlela ngoba wafika wangithethisa engibuza ukuthi ngiyosebenzela abantu koze kube nini" kuqhuba uLindani nongumfowabo omncane ka DJ Lucky Boeteng.

Eluqala lo,luhambo lokuzimela uLindawabantu wasizwa kakhulu nguye uBaba uMavimbela ngokumeseka nalapho aqala khona ebambisene nezinye izinsizwa ezimbili nokwathi makuqhubeka isikhathi wazimela yedwa njengoba namanje esazimele.

"Angifuni ukuqamba amanga kuyasebenzeka kakhulu kephake kudinga ukwazi  ukukhula ngomqondo ngoba imali ingakudidisa kakhulu ugcine usuyisebenzisa budlabha, mina nje ngaqongelela imali nenganginomqondo  wokuthi ngizothenge imoto kepha kwathi makuhamba isikhathi ngacabanga ukuthi angifune indawo ngakhe umuzi nengakwenza futhi angizisoli nakancane ngalokho".

Nakuba ebonakala ephumelela usuku nosuku kepha usazibona eya kude futhi elikhulisa leli bhizinisi lakhe. " Ngiyawuthanda kakhulu lomsebenzi futhi kwakuyisifiso sami ukuthi ngibe isibonelo entsheni ngokuthi awukho umsebenzi ongcono kunomunye, kwalona owami ungathatheka njengodelelekile kepha ngaphika nje ukuthi ngizokwenza isiqinisekiso sokuthi ngiphila impilo engingiphupha ngayo" kuphetha lensizwa esencane



Wednesday, June 16, 2021

Ligqashukile igoda ku Arrows no Ncikazi


Iqembu le Lamontville Golden Arrows linqume ukumdedele obengumqeqeshi walo uMandla ' Mhloli' Ncikazi namuhla ntambama.

UNcikazi ube nesizini enhle kakhulu kuleliqembu lika Manto Madlala kwazise liqede endaweni yesithathu nokuyindawo enhle kunazozonke elake laqeda likuyo selokhu laqala ukudlala esigabeni esiphezulu.

Sisekuzo ezithinta ibhola kulindeleke kusasa iqale imidlalo yokuhlungela ozongena ku DSTV Premiership phakathi kwamaqembu amathathu okuyi Royal AM, Chippa United kanye ne Richards Bay United. Akwaziwa mbhantshi kujiya njengoba lemidlalo ihlehlisiwe ngenxa yokuthi i Royal AM ifake amaphepha enkantolo okuphikisana nesinqumo senkantolo sokuthi kukhushulwe iSekhukhune United ngoba yagixabezwa ngamaphuzu amathathu omdlalo wayo ne Polokwane City eyayiphule umthetho we Gladafrica Championship wokudlalisa abadlali abahlanu abangaphansi kweminyaka engu 23.

Ufisa isabalale umhlaba wonke iLAS

 


Umsunguli wezimpahla zokugqoka ezibizwa nge LAS uNkosinathi 'Magane' Mlaba ulwela ukuthi zitholakale kuyoyonke indawo izimpahla zakhe ezithandwa kakhulu yintsha oPongolo njengoba kukancane ukuthi uhambe oPongolo ungadibani nomuntu eyigqokile.

Lensizwa yasoPhongolo kwaShoba yaqhamuka naleligama elithi LAS nelihumusheka ngokuthi Life after School emva kokubona impilo isinomehluko omkhulu emva kukamatikuletsheni.

" Impilo iyashintsha kakhulu uma usuphumile esikoleni kungabe uqeda ibanga leshumi ngoba kusuka kusho ukuthi okuningi usuzozibonela wena ukuthi ukwenza kanjani, impilo inzima emva kwesikole" kuchaza lensizwa ebuye ibe ngumeluleki wezezimali.

"Ngaqala ngazigqokela mina lezikipa ze LAS ngabona abantu bezithanda bacela ukuthi ngibenzele, nangempela ngabenzela baqala abantu banda abazifunayo lezikipa kanjalo abanye bafuna ngibenzele ama jacket nezinye izimpahla" kuqhuba uNkosinathi.

Nakuba engakabinaso isitolo lapha edayisela khona kepha usezinhlelweni zokuthi asivule kanjalo nokuthi abantu bekwazi ukuzithenga naku internet phecelezi i online shop. 


Lalela potcast 





Sunday, June 13, 2021

Bazozitika ngembizo yomculo oPhongolo

 Umphakathi wasoPhongolo namaphethelo uzozitika ngomculo emcimbini obizwa nge Mbizo Maskandi activation nozobe use Nsiligwane endaweni ebizwa nge Sunrise.

Ekhuluma ne NPG online news uMnumzane Nathi Shongwe uthe inhloso yalomcimbi ukugqugquzela intsha ukuthi izibandakanye nezikaqedisizungu ukuze ingezukungena ezidakamizweni kanjalo nasezintweni esingezinhle. Lomcimbi owalonyaka uzobuhanjelwe abaculi abafana no Mzukulu, Isichomane sasoPhongoli, Amazimase, Blaq Venomous, Mdibhozi, Zakaza Mkhweshisi, Nonkenyana, Stability, Ama catapillar,  Pin Code nabanye abaningi nokufaka phakathi oDJ.

Eqhubeka uShongwe mayelana namalungiselelo uthe " amalungiselelo ahamba kahle kakhulu, nakuba sishaywa ukuthi asinabo abaxhasi konke esikwenzayo sikwenza ngezikhwepha zethu, siyafisa nje ngolunye usuku siluthole uxhaso ukuze sikwazi ukukhuphula izinga lalomcimbi".

Lomcimbi ozoba ngomhlaka 3 kuJuly uzoqala ngi 12 emini, amathikithi ayotholakala emnyango ngo R50 bese awezicubuthwane eba uR150

Saturday, June 12, 2021

Sekumiswe umdlalo we EURO kuquleka uKaptuteni

 


Umdlalo obuphakathi kwe Denmark ne Finland umisiwe emva kokuquleka kuka Kaptein we zwe lase Denmark u Chistien Erikson. 

Lomdlali we Inter Milan ubonakale egoba waquleka nalapha aphuthunywe khona ngabosizo lokuqala. Ngokwamanje imibiko eqondile ngesimo sakhe ibingakaqinisekiswa

Izodlala ku DSTV Premiership iSekhukhune United


 Iqembu le Sekhukhune United livunwe yinkantolo namuhla ecaleni eyayilifakile lokumangalela iPolokwane City ngokuthi ayiwulandelanga umthetho wokudlalisa abadlali abahlanu abaneminyaka engaphansi kuka 23, kwazise onke amaqembu adlala ku Gladafrica Championship abekelwa lomthetho.

Inkantolo yakhipha isinqumo sokuthi iPSL igaxabeza iSekhukhune ngamagoli amathathu kanjalo namaphuzu amathathu, nokwenza iqwakele phezulu ngamaphuzu angu 53 kuthi endaweni yesibili sekuzoba i Royal AM yakwaZulu Natal nelandelwa yi Richards Bay United.

Lomdonsiswano ngalelicala waqala ngenyanga ephelile ngesikhathi inkantolo igixabeza iSekhukhune ngamaphuzu emva kokuthi yayifake lelicala imangalela iPolokwane City nezame ukusiphikisa lesinqumo kepha kwanhlanga zimuka nomoya.

Uphinde wadedela olunye ulozolo - Blaq venomous

 


Inkakha yomculo weHouse nebuye ibe ngu Mdidiyeli womculo uDJ Blaq venomous udedele ulozolo lwengoma esihloko esithi Sebenza nayenze ngokuhlanganyela no Msakazi we Nongoma FM u Cmbero. 

Lengoma Afro House eyenza kahle ezitolo zomculo ezitholakala emoyeni kwazise abantu bayithokozele.

uBlaq Venomous nogama lakhe langempela okungu Sifiso Dlamini waziwa kakhulu ngomculo wakhe we House obizwa ngokuthi iPongola Funk nokusuka kuyilapho ehlanganise khona izingoma zakhe phecelezi iMix.


UBlaq Venomous enza adume ngazo



Friday, June 11, 2021

Izokwetshisa izwi nokuzivocavoca intsha yase SSM

Sithunyelwe

 Izobe isheba izwi lenkosi nemdlalo kaNobhutshuzwayo intsha yebandla lika Bhishobhi uMalinga owengamele ibandla le Stand Still Ministries.

Lelibandla elinokomkhulu endaweni yakwaShoba oPhongolo lizobamba lizoqala ngenkonzo yentsha ngomhlaka 9 kuJuly ,nokuyothi ngomhlaka 10 bese liba nenkonzo yomkhuleko wentsha ebeyithola iziqu zemfundo ephakeme nezobanjwa kwelinye lamagatsha alelisonto esendaweni yakwa Bhembe khona oPhongolo neyiyobese isongwa ngokuzivocavoca phecelezi ama aerobics kanjalo nebhola lezinyawo nezobe isenkundleni yakwaShoba.

Ekhuluma ne NPG newsblog uBishop Malinga uthe " inhloso yenkonzo ukuthi sibungaze inyanga yabantu abasha okuwu June kephake thina njengebandla sanquma ukuyenza uma kuvalwa izikole, siyazi ukuthi uma sekuvalwe izikole bonke abantu abasha bebandla lethu bazokwazi ukuphumelela. Ngalenkonzo sizophinda siyisebenzise ukuhalalisela noma ukukhulekela abantu abasha ebebethola iziqu zabo kwazise bakhona abazitholile ngonyaka ophelile sangakwazi ukuba nabo ngenxa yesimo se covid, ngakhoke sizoba nabo kulenkonzo siphinde sigquqguzele nabanye abasafunda nabafisa ukuyofunda ukuthi lento iyenzeka, sophinda futhi sikhulekele nalaba abazisebenza bona nalaba abasemkhakheni wezemidlalo"


Lenkonzo izoqala ngomhlaka 9 ize iphele ngomhlaka 11kuNtulikazi neyosongwa ngesidlo senkosi.



Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...