Sunday, August 13, 2017

NeDowns ilale iliwashile ijezi kweye MTN8

Nabalaleli beMamelodi Sundowns abasalanga ngaphandle ekulaleni nezinhliziyo ezibuhlungu kwazise iqembu labor libhaxabulwe kabuhlungu NGO 1-0 lishaywa iMarizburg United izolo ntambama ePitoli.

Leliqembu laseMphithi neliqeqeshwa uFadlu Davids lizithole lihamba phambili ngomzuzu Ka 56 ngegoli elishaywe u Evans Rusike. Nakuba igcine iguqile iSundowns kubonakele edlalisa abadlali bayo abasha okungu Oupa Manyisa no George Lebese.

Sisekuzo ezithinta I MTN 8 aqhathiwe amaqembu azogijimisana kweyandulela eyamanqamu nezoba imilenze emibili. IMarizburg United izodlala me Supersport United bese kuthi iCape Town City igijimisane me Bidvest Wits nezobe ivikela lesicoco eyasinqoba ngonyaka ophelile ibhaxabula iSundowns ngo 3-0.

Saturday, August 12, 2017

Uqhubekile nokuba iqaqa kwaChiefs uKomphela

Umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve Komphela uphinde wahluleka ukuzuza izinhliziyo zabalandeli baleliqembu ngokuthi liyoke kube Khona indebe eliyizuzayo ngaphansi kobuholi bakhe.

Amakhosi aphinde aba ukudla kwenduku ephuma ekuseni kumqhudelwano we MTN8 ngesikhathi eshaywa iqembu le Supersport United eMoses Mabhida stadium izolo ebusuku. Amatsantsantsa a Pitori naqeqeshwa ngu Eric Tinkler akhombise zibekwa nje ukuthi afuna ukudlulela esigabeni esilandelayo salomqhudelwano njengoba ahambe phambili ngesiwombe sokuqala ngegoli lika Jeremy Brockie.

Alokhu ayaziqathakela Ku MTN 8

Aqathaka ubuqathaqatha amaqembu emqudelwaneni wokuvula isizini eMzansi emqhudelwaneni we MTN8 njengoba esemabili amaqembu asezithole ebhekene nendishi yokuwasha ijezi kulomqhudelwano obalwa nemidala kuleli.

Izolo iqembu le Lamontville Golden Arrows lizithole seliwasha ijezi emva kokushaywa ngompetha beligi iBidvest Wits ngo 5-4 sekukhahlelwa amaPenalty emva kokuyhi umdlalo uphele zibambene ngo 2-2 emdlalweni obuneziwombe eziningi ebzikushiya ubambe ongezansi kwazise kuphume amakhadi abomvu amahlanu.

Kwathi namuhla uBenni Mccarthy nosagcwele amazolo kwezokuqeqesha uzibonakalisile ukuthi wayengagcini ngokuba umgadli owashayayo amagoli kuphela njengoba iqembu aliqeqeshayo iCape town City ibhabhadise iPolokwane City ngo 1-0 nokube umkhonto ogwaze ekhaya.

Kusalindeleke umdlalo oshisayo phakathi kwe Kaizer Chiefs ne Supersports United nozoba seMoses Mabhida Stadium namuhla ebusuku. Kulindeleke u Eric Tinkler aqhubeke nokuzihubela isobho ku Steve Komphela kwazise kuwona onke amaqembu aseke awaqeqesha uTinkler ufike ethi qhoqhoqho ekhanda ku Komphela.

Thursday, August 10, 2017

UMourinoh usejoyine iPirates

Iqembu le Orlando Pirates selimemezele lowo obeyisekela lomqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani 'Mourinoh' Mokwena njengephini lomqeqeshi wezimnyama.

Lenziswa eteketiswa ngelika Mourinoh imenyezelwe namuhla emini ukuthi izoba isekela lomqeqeshi naye osabala izinsuku efikile kuleliqembu laseSoweto uStrakovic.

Kusazocaca ukuthi laba abebengamasekela kulesizini edlule okungu Jazz Queen Legodi no Benson Mhlongo ukuthi ikusasa labo lizomaphi kuleliqembu eliqede isizini libalwa namanye amaqembu asinde ngokulambisa ekudlaleni imidlalo yamaplay offs edlalwa iqembu eliqede endaweni ka15 kulog kwazise liqede endaweni ka 13 nobekube ngokokuqala emlandweni waleliqembu kusukela kwasungulwa iPSL ngo1996.

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...