Wednesday, June 16, 2021

Ligqashukile igoda ku Arrows no Ncikazi


Iqembu le Lamontville Golden Arrows linqume ukumdedele obengumqeqeshi walo uMandla ' Mhloli' Ncikazi namuhla ntambama.

UNcikazi ube nesizini enhle kakhulu kuleliqembu lika Manto Madlala kwazise liqede endaweni yesithathu nokuyindawo enhle kunazozonke elake laqeda likuyo selokhu laqala ukudlala esigabeni esiphezulu.

Sisekuzo ezithinta ibhola kulindeleke kusasa iqale imidlalo yokuhlungela ozongena ku DSTV Premiership phakathi kwamaqembu amathathu okuyi Royal AM, Chippa United kanye ne Richards Bay United. Akwaziwa mbhantshi kujiya njengoba lemidlalo ihlehlisiwe ngenxa yokuthi i Royal AM ifake amaphepha enkantolo okuphikisana nesinqumo senkantolo sokuthi kukhushulwe iSekhukhune United ngoba yagixabezwa ngamaphuzu amathathu omdlalo wayo ne Polokwane City eyayiphule umthetho we Gladafrica Championship wokudlalisa abadlali abahlanu abangaphansi kweminyaka engu 23.

Ufisa isabalale umhlaba wonke iLAS

 


Umsunguli wezimpahla zokugqoka ezibizwa nge LAS uNkosinathi 'Magane' Mlaba ulwela ukuthi zitholakale kuyoyonke indawo izimpahla zakhe ezithandwa kakhulu yintsha oPongolo njengoba kukancane ukuthi uhambe oPongolo ungadibani nomuntu eyigqokile.

Lensizwa yasoPhongolo kwaShoba yaqhamuka naleligama elithi LAS nelihumusheka ngokuthi Life after School emva kokubona impilo isinomehluko omkhulu emva kukamatikuletsheni.

" Impilo iyashintsha kakhulu uma usuphumile esikoleni kungabe uqeda ibanga leshumi ngoba kusuka kusho ukuthi okuningi usuzozibonela wena ukuthi ukwenza kanjani, impilo inzima emva kwesikole" kuchaza lensizwa ebuye ibe ngumeluleki wezezimali.

"Ngaqala ngazigqokela mina lezikipa ze LAS ngabona abantu bezithanda bacela ukuthi ngibenzele, nangempela ngabenzela baqala abantu banda abazifunayo lezikipa kanjalo abanye bafuna ngibenzele ama jacket nezinye izimpahla" kuqhuba uNkosinathi.

Nakuba engakabinaso isitolo lapha edayisela khona kepha usezinhlelweni zokuthi asivule kanjalo nokuthi abantu bekwazi ukuzithenga naku internet phecelezi i online shop. 


Lalela potcast 





Sunday, June 13, 2021

Bazozitika ngembizo yomculo oPhongolo

 Umphakathi wasoPhongolo namaphethelo uzozitika ngomculo emcimbini obizwa nge Mbizo Maskandi activation nozobe use Nsiligwane endaweni ebizwa nge Sunrise.

Ekhuluma ne NPG online news uMnumzane Nathi Shongwe uthe inhloso yalomcimbi ukugqugquzela intsha ukuthi izibandakanye nezikaqedisizungu ukuze ingezukungena ezidakamizweni kanjalo nasezintweni esingezinhle. Lomcimbi owalonyaka uzobuhanjelwe abaculi abafana no Mzukulu, Isichomane sasoPhongoli, Amazimase, Blaq Venomous, Mdibhozi, Zakaza Mkhweshisi, Nonkenyana, Stability, Ama catapillar,  Pin Code nabanye abaningi nokufaka phakathi oDJ.

Eqhubeka uShongwe mayelana namalungiselelo uthe " amalungiselelo ahamba kahle kakhulu, nakuba sishaywa ukuthi asinabo abaxhasi konke esikwenzayo sikwenza ngezikhwepha zethu, siyafisa nje ngolunye usuku siluthole uxhaso ukuze sikwazi ukukhuphula izinga lalomcimbi".

Lomcimbi ozoba ngomhlaka 3 kuJuly uzoqala ngi 12 emini, amathikithi ayotholakala emnyango ngo R50 bese awezicubuthwane eba uR150

Saturday, June 12, 2021

Sekumiswe umdlalo we EURO kuquleka uKaptuteni

 


Umdlalo obuphakathi kwe Denmark ne Finland umisiwe emva kokuquleka kuka Kaptein we zwe lase Denmark u Chistien Erikson. 

Lomdlali we Inter Milan ubonakale egoba waquleka nalapha aphuthunywe khona ngabosizo lokuqala. Ngokwamanje imibiko eqondile ngesimo sakhe ibingakaqinisekiswa

Izodlala ku DSTV Premiership iSekhukhune United


 Iqembu le Sekhukhune United livunwe yinkantolo namuhla ecaleni eyayilifakile lokumangalela iPolokwane City ngokuthi ayiwulandelanga umthetho wokudlalisa abadlali abahlanu abaneminyaka engaphansi kuka 23, kwazise onke amaqembu adlala ku Gladafrica Championship abekelwa lomthetho.

Inkantolo yakhipha isinqumo sokuthi iPSL igaxabeza iSekhukhune ngamagoli amathathu kanjalo namaphuzu amathathu, nokwenza iqwakele phezulu ngamaphuzu angu 53 kuthi endaweni yesibili sekuzoba i Royal AM yakwaZulu Natal nelandelwa yi Richards Bay United.

Lomdonsiswano ngalelicala waqala ngenyanga ephelile ngesikhathi inkantolo igixabeza iSekhukhune ngamaphuzu emva kokuthi yayifake lelicala imangalela iPolokwane City nezame ukusiphikisa lesinqumo kepha kwanhlanga zimuka nomoya.

Uphinde wadedela olunye ulozolo - Blaq venomous

 


Inkakha yomculo weHouse nebuye ibe ngu Mdidiyeli womculo uDJ Blaq venomous udedele ulozolo lwengoma esihloko esithi Sebenza nayenze ngokuhlanganyela no Msakazi we Nongoma FM u Cmbero. 

Lengoma Afro House eyenza kahle ezitolo zomculo ezitholakala emoyeni kwazise abantu bayithokozele.

uBlaq Venomous nogama lakhe langempela okungu Sifiso Dlamini waziwa kakhulu ngomculo wakhe we House obizwa ngokuthi iPongola Funk nokusuka kuyilapho ehlanganise khona izingoma zakhe phecelezi iMix.


UBlaq Venomous enza adume ngazo



Friday, June 11, 2021

Izokwetshisa izwi nokuzivocavoca intsha yase SSM

Sithunyelwe

 Izobe isheba izwi lenkosi nemdlalo kaNobhutshuzwayo intsha yebandla lika Bhishobhi uMalinga owengamele ibandla le Stand Still Ministries.

Lelibandla elinokomkhulu endaweni yakwaShoba oPhongolo lizobamba lizoqala ngenkonzo yentsha ngomhlaka 9 kuJuly ,nokuyothi ngomhlaka 10 bese liba nenkonzo yomkhuleko wentsha ebeyithola iziqu zemfundo ephakeme nezobanjwa kwelinye lamagatsha alelisonto esendaweni yakwa Bhembe khona oPhongolo neyiyobese isongwa ngokuzivocavoca phecelezi ama aerobics kanjalo nebhola lezinyawo nezobe isenkundleni yakwaShoba.

Ekhuluma ne NPG newsblog uBishop Malinga uthe " inhloso yenkonzo ukuthi sibungaze inyanga yabantu abasha okuwu June kephake thina njengebandla sanquma ukuyenza uma kuvalwa izikole, siyazi ukuthi uma sekuvalwe izikole bonke abantu abasha bebandla lethu bazokwazi ukuphumelela. Ngalenkonzo sizophinda siyisebenzise ukuhalalisela noma ukukhulekela abantu abasha ebebethola iziqu zabo kwazise bakhona abazitholile ngonyaka ophelile sangakwazi ukuba nabo ngenxa yesimo se covid, ngakhoke sizoba nabo kulenkonzo siphinde sigquqguzele nabanye abasafunda nabafisa ukuyofunda ukuthi lento iyenzeka, sophinda futhi sikhulekele nalaba abazisebenza bona nalaba abasemkhakheni wezemidlalo"


Lenkonzo izoqala ngomhlaka 9 ize iphele ngomhlaka 11kuNtulikazi neyosongwa ngesidlo senkosi.



Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...